Ubukhosi bendabuko busakhona namanje. Umthethosisekelo waseNingizimu Afrika ugunyaza ubuholi bendabuko namandla awo.
Imindeni yasebukhosini eyisikhombisa igunyazwe yavunyelwa umthetho ukuba ibuse ngokwendabuko ezingeni eliphezulu ngokwezizwe zaseNingizimu Afrika.
Isizwe sabaThembu esizinze eMpumalanga Kapa sibuswa iNkosi uBuyelekhaya Dalindyebo. Isizwe samaXhosa naso esizinze eMpumalanga Kapa sibuswa iNkosi uZwelonke Sigcawu. AmaMpondo wona abuswa iNkosi uZanozuko Tyelovuyo Sigcau.

Isizwe samaZulu sibuswa iNkosi uGoodwill Zwelithini. AbaPedi, okuyisizwe esizinze kakhulukazi eLimpopo sibuswa iNkosi uThulare Victor Thulare kanti isizwe sabaVenda naso esizinze eLimpopo sibuswa iNkosi uMphephu Ramabulana. Isizwe samaNdebele sona sibuswa iNkosi uMakhosoke Mabhena.
Amakhosi adlala indima enkulu kwezombusazwe, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.
Ngokusho kaSolwazi uSihawu Ngubane ozinze eNyuvesi yaKwaZulu-Natali ngokomsebenzi, abaholi bomdabu basebenzisana kakhulu nabaholi bomasipala ngoba izindawo zomasipala zisezindaweni zamakhosi.

“Amakhosi asekhona, asebenza ngokubambisana nemikhandlu yamadolobha. Amakhosi agxila kakhulu ekutholeni izisombululo ezinkingeni zemiphakathi.”
USolwazi Ngubane uthi kubalulekile ukuthi abaholi bazombusazwe baqhubeke nokusebenzisana nabaholi bendabuko ngoba yibo kanye abaholi bendabuko abaqondene futhi abasondelene nemiphakathi, ikakhulukazi yasemakhaya.
“Umsebenzi wamakhosi wukuletha ukuhlalisana okunokuthula emiphakathini”, kuchaza uSolwazi Ngubane.
Amakhosi anezinkantolo lapho ezama khona ukuxazulula izinkinga emiphakathini naphakathi kwabantu abaxabene.
“Ezinkantolo zamakhosi ilapho amacala elethwa khona nalapho futhi izidingo zomphakathi zidingidwa khona. Amakhosi alindeleke ukuba angachemi futhi awenze ngaphandle kwetiye umsebenzi wawo.”
Amacala angaphezu kwamandla okuphathwa amakhosi adluliselwa ezinkantolo zeMantshi.
Amakhosi asizwa yizinduna ekuqhubeni umsebenzi wawo, kwazise phela ukuthi izizwe eziningi ezibuswa ngamakhosi zinkulu ngalendlela yokuthi amakhosi abuye avimbeleke ekufinyeleleni ezidingweni zomphakathi ngesikhathi okudingeka ngaso.
Nazo izinduna zinamandla okuthetha amacala. Amacala ahlula izinduna adluliselwa emakhosini.
Umthethosisekelo waseNingizimu Afrika ke, uyabavumela abantu ukuba bacele amacala nezigwebo zabo ukuba kubhekwe kabusha. Ngakho-ke ezimweni lapho kutholakala khona ukuthi inkosi noma induna ithethe icala ngokuchema noma ngaphandle kobulungiswa, inkantolo enkulu iyakwazi ukuguqula leso sigwebo.
Amakhosi anelungelo futhi lokuqoka amalungu omkhandlu afisa ukusebenzisana nawo. Imikhandlu inamandla kakhulu kanti futhi iyona kanye imikhandlu elawula izindaba zomphakathi isiza amakhosi.
Imikhandlu inawo futhi namandla okucela amakhosi ashenxiswe uma enesiqiniseko sokuthi kube khona ukuphatha okube nobudedengu okwenkosi ethile.
USolwazi Ngubane uthi sisekhona isidingo samakhosi eNingizimu Afrika, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya ngoba amakhosi abekwa ngokusesikweni futhi ahloniphekile ngoba adlala indima enkulu ekuxazululeni izinkinga zemiphakathi.
*The above article, written in IsiZulu, narrates the the role of local and indigenous leadership in contemporary South Africa
Ngiyabuthanda ubuholi bomdabu ngiyethemba nezomndeni wami izinkinga zizoxazululeka kalula.