Ubani u-Okmalumkoolkat?

USmiso Zwane odume ngelika Okmalumkootkat, wazalwa mhlaka 27 Julayi 1983 elokishini laseMlazi, eThekwini. Unguculi we-rap, abe ngumbhali wamaculo, abe wumdansi wezitayela aphinde abe yilungu neqembu lababili i-Dity Paraffin esebenzisana noZamani Xolo odume ngelika noDokta Spizee.  Ngemuva kokuphothula iziqhu zakhe ze-Art Design eVega School of Communication, wabhekisa amabombo eGoli ukuveza ithalente lakhe.

Egoli ilapho ahlangana khona noDokta Spizee baqala iqembu labo lomculo. Okmalu,kootkat bezimisile nge-art design kangangokuba usebenze nezinkampani ezahlukahlukene esingabala kuzo i-Nike. Ithalente lakhe ligcine limuholela ekutheni enze ama-design amakhava ama-album abaculi abahlukene.  

Okmalumkoolkat uqale ukugqama yedwa ngemuva kokuhambisana noCassper Nyovest engomeni ethi ‘Gusheshe’ eyaduma ngo2013 waphinda ngalowo nyaka waba kwingoma kaRiky Rick ethi ‘Amantombazane’. Lengoma yathandwa kakhulu okwaholela ekutheni uRiky Rick akhiphe iRemix yayo eyayiqhukethe amaculi abanjengo Kwesta, Maggz, Nadia Nakai, Kid X, DJ Dimples noGinger Trill. Okmalumkoolkat waba kunqo (original) nakwi-remix yaleliculo.

Ngo2014 ukiphe EP esihloko ‘Holly Oxygen’ eyenza kahle yaholela ekutheni akhiphe i-mixtape esihloko ‘100k MaCasette’ eyawina Mixtape yonyaka 2015 kuma-SA hip hop awards. Ukuwina lo mklomelo kuvulelana amathuba amaningi, Okmalumkoolkat wasebenzisa lelithuba wakhipha album yakhe yokuqala ngokusemthethweni esihloko ‘Mlazi Milano’ eyayiphelezelwa izingoma ezinjengethi ‘Gqi’ nethi ‘Amalobolo’ ngo-2016 eyathengisa yathola isitifiketi seGolide. Ingoma ethi ‘Gqi’ ahambisana kuyo neqembu Amadando iyona eyaduma kakhulu.

Ngo-2017 wakhipha ‘Holly Oxygen II’, uphinde wakhipha esihloko ‘Bhlomington’, ngo-2020, eqhukethe ingoma ethi ‘Drip siphi iskhorobho’ ethandwayo nasemakhasini ezokuxumana kanti uphinde abe ngomunye wabaculi bengoma yeWorse Behaviour ethi ‘Sihamba ngolayini‘ ethandwayo kulezi zinsuku.  Okmalumkoolkat usesebenze nabaculi abahlukene nemikhakha singabala iGqom, rap, digital masikandi kanye neminye. Kanti ithalente lakhe le -design alisalingaphandle njengoba engumnikazi weziphahla zokugqoka iSpova Gang nesitayela sakhe sokugqoka nokuphatha iskhwama ngezindlela ezihlukahlukene asinconsi phansi kubantu abasha.

Umthombo: www.savannanews.com ne www.wikipedia.org.

Article summary

This article looks at the biography of Okmalumkoolkat (real name Smiso Zwane)and his career from the early days to present. Okmalumkoolkat started as an art designer until he met Dokta Spizee with whom he formed Dirty Paraffin. His love for design saw him designing for different companies, most notably Nike. He went on to design art for album covers which brought him closer to musical artists. He featured on Cassper Nyovest’s ‘Gusheshe’, a hit that led to more collaborations and his first EP as an individual artist. Okmalumkoolkat has made a name for himself with his style of rap music, dance moves and dress. He has worked with well known artists from different genres gqom, techno, hip hop/rap, and others. He comes from the township of Umlazi and proves that dreams can come true.