UBheki Mkhwane
Wazalwa ngo-1963 wakhulela KwaMashu, uBheki Mkhwane uzakhele udomo ngeshashalazi njengomqondisi, uphrojusa, umbhali wemidlalo yezokulingisa nomlingisi. UMkhwane wabanothando lokulingisa esemncane. Ngekhono elingandile alinikwe uNkulunkulu ngebhola likanobhutshuzwayo, abaningi babecabanga ukuthi uzophelela enkundleni njengomdlali webhola elikhokhelwayo, kepha isiphetho sakhe kwakuwukujabulisa abantu. Ngesikhathi esebenza njengonogada futhi kamuva njengomabhalane othunyelwe, uBheki wasebenza ngesikhathi sakhe sokuphumula kwi-Durban Community Arts Project. Ngo-1986 … Read more