Umdlalo Wengqathu

Ingqathu umdlalo odlalwa yizingane zamantombazane isikhathi esiningi kodwa nezabafana seziyawudlala manje lomdlalo. Udlalwa ngabantu abathathu noma ngaphezulu. Ingqathu yakhiwa ngohlobo lotshani olubizwa ngengongoni noma isikhonko. Kukhethwa lolutshani ngoba luqinile futhi intambo ihlala isikhathi eside. Lolutshani luyalukwa ngamantombazane, uma eseqedile kubalulekile ukuthi baqale bayicwilise isikhashana emanzini abandayo ukuze iqine bese bedlala ngayo imanzi ukuze ibe nomfutho … Read more