Izigaba Zamalobolo

Ukucelwa Kwesihlobo Esihle Ngalelilanga umfana osuke esezoganwa uthumela abakhongi ekhweni ukuthi bayomcelela isihlobo esihle. Ngokwesintu babefika bevunule bephelele ngalolusuku. Bayangeniswa endlini uma sebekhulekile ngaphandle komuzi bese umnumzane wekhaya ebabuza ukuthi bayamazi yini lowo abeze ngaye ekhaya. Uyavuma umkhongi uma kungukuthi uyamazi ababuze neminye imibuzo njengokuthi bayazi ukuthi usenengane nalapho bavume noma baphike. Kubalulekile ukuthi umzali … Read more