Okwakwenziwa uma kushoniwe ekhaya ngesikhathi sakudala

Ngesikhathi sakudala uma kukhona umuntu oshonile ekhaya kukhona izinto ezazenziwa esezihlukile kunesikhathi esiphila kuso. Sibenengxoxo noBaba uPhakathikwezinja Ndlovu, mayelana nokufa noma nokushona komuntu ngezikhathi zakudala.

Kudala uma umuntu eshonile ubengayiswa emakhazeni futhi ubangahlaliswa isikhathi eside engagcwatshiwe namabhokisi ayengekho umuntu wayegoqwa ngesikhumba sesilwane esihlatshiwe ekhaya. Esikhathini esiningi ubengcwatsha ngosuku olulandela lolo ashone ngalo noma bebengadlulisi izinsuku ezimbili. Bebengayiswa kodoketela, umuntu ubengcwatshwa ephelele engahlinzwa njengoba sekwenziwa manje ukuhlola ukuthi ubulawe yini futhi nezihlobo ezikude zazingalindwa bezifika seziyobeka itshe ethuneni.

Read more …

Leave a Comment