Iziphicaphicwano kwakuwumdlalo owawunedumela nesasasa kubantu abadala nezingane owawudlalwa ngezikhathi zakudala. Unomthelela ekusizeni kokusebenzisa ingqondo ngokujulile nokuthi ufundise ngezinto zempilo nalokho esikubona nsuku zonke. Lomdlalo wawudlalwa abadalala nabancane. Kwakuyindlela yokudlulisa isikhathi futhi kuchithwa isizungu.
Lomdlalo wawudinga ukuthi ube umuntu okwaziyo ukujula ngokomqondo ngoba imibuzo yakhona yayifuna ube ngumuntu oqaphelayo izinto emhlabeni ngoba wawudinga ulethe impendulo ngokuthi uqale ucabange ngempendulo ozoyiletha. Lapha ke kwakuthi uma impendulo usuyitholile bese uyayisho usho nokuthi lesosifaniso noma isingathekiso sichazani noma simeleni. Ukushintsha kwezikhathi nakho futhi sekube nomthelela ekutheni abantu bakhe ezintsha isiphicaphicwano. Nazi ezinye zeziphicaphico ezisasetshenziswa uma kudlaliswana ngazo:
Ngikuphicaphica ngomama umile izingane ziyadansa:
Impendulo: Isihlahla namagatsha aso. Umama odansayo isihlahla simi ngesiqu saso bese amagatsha ayanyakaza kufanekiswa nokudansa ngoba epheshulwa ngumoya, wona azingane zesihlahla.
Ngikuphicaphica ngomntinini uyangena kumntonono kodwa umntonono akangeni kumntinini.
Impendulo: Isitsha esikhulu nesincane, incazelo ithi, umntinini uyisithsa esincane siyakwazi ukungena kwesikhulu kodwa umntonono isitsha esikhulu asingeni kwesincane.
Ngikuphicaphica ngenkomo yami ebomvu ehlala esibayeni esimhlophe.
Impendulo: Inkomo ebomvu ulimi bese kuthi isibaya esimhlophe amazinyo.
Ngikuphicaphica ngomagxuma azibambele.
Impendulo: Iphalishi, uma liphekwa ibhodwe livuliwe, lilokhu ligxuma bese likushisa.
Ngikuphicaphica ngenyoka yami ehamba kuze kuse.
Impendulo: Umfula ogelezayo, ofanekiswa nenyoka, awumi uhamba imini nobusuku.
Ngikuphicaphica ngedede elingahlalwa mpukane
Impendulo: Umlilo, uyashisa ayikho into engasondela khona noma ihlale emlilweni
Ngikuphicaphica ngento yami ethi hamba ngizokugadela
Impendulo: Ingindi noma ukhiye, uma uhamba ekhaya ufaka ingidi emnyango noma ukhiye
Ngikuphicaphica ngomakoti okuthi uma esezongena emzini akikize.
Impendulo: Isitimela, uma isitimela sesingena esiteshini sibanga umsindo
Ngikuphicaphica ngomagxuma azibambele
Impendulo: Iphalishi uma seligxabha ebhodweni
Ngikiphicaphica ngento yami ehamba imini nobusuku
Impendulo: Amanzi ageleza emfuleni
Ngikuphicaphica ngomakoti ogiya agiye ajike esangweni abuyele endlini ahlale ngemuva kwesicabha
Impendulo: Umshanelo, uma ushanela, uyashanela endlini negceke lonke uze ufike esangweni kuthi uma usuqedile uwubeke ngemuva kwesicabha
Ngikuphicaphica ngomama uyasuza izingane ziyabaleka
Impendulo: Isibhamu, ukuqhuma kwesibhamu abantu babaleke kakhulu
Ngiphicaphica ngomama umile izingane ziyadansa
Impendulo: Isihlahla, uma kunomoya isiqu sesihlahla simile amagatsha ayanyakaza
English Summary:
Riddles are part of Traditional Literature.
By: Mbusiswa Zuma
Other contribution by: Nelisiwe Hlongwane
Ngiphicaphica ngezinsizwa ezinhlanu ezivuka ekuseni ziyoshela,ezine zingene ngaphakathi eyodwa usale ngaphandle
Ngiphicaphica ngendoda yami edla ngomsila