Iziphicaphicwano Zezitshalo Nezilwane

Iziphiciphicwano Ezimayelana Nezitshalo

Iziphicaphicwano ngenye yezindlela zokudlulisa kolwazi ngabantu abadala ababedlulisa ngayo kwabasakhula. Lokhu kwakwenzeka ngesikhathi lapho wonke umuntu ekhaya eseqedile imisebenzi abekelwe yona ekwakujwayeleke ukuthi kube yisikhathi santambama lapho umndeni usuhleli uzincokolela wothe umlilo. Umuntu wokuqala okunguye ophicayo uqala ngokuthi ‘ngiphicaphica…’ bese kuthi lowo ophendulile kube nguye othola ithuba lokubuza ngokushintshana.

Ngiphicaphica…
Ngomuntu wami othwele isambulelo esimhlophe: ikhowa

Ngentombi yakwethu abayiphenya isidwaba bese beyipheka: umbila oyifutho

Ngomuntu wami othi nyelenyele kazi ngiyozalela kuphi: ibhece

Ngezinkabi zona zimile kodwa inqola iyahamba: uthango

Ngesibhamu somthukuso: ubhatata

Ezimayelana Nezilwane

Ngenyoni ezalela ofukwini: intwala

Ngosikaza usuthu nomadlakazi: unwabu

Ngomnumzane ozondana nelanga: isikhova

Ngomama wehlathi ozenza ikhehlana: inkawu

Ngesitimela sentaba: ishongololo

Ngesitimela sami esingenamasondo: inyoka

Ngentokazi emabalabala egcogcoma ezimbalini: uvemvane

Ngomuntu othi uma ngike ngamubamba ngingamane ngifele kuye: izibonkolo

Ezixubile

Ngesalukazi sami esithi singabona abantu besesikhihliza amagwebu ngenxa yenjabulo: Utshwala lwesintu

Ngezinsipho ezizeneka zona ziphinde zizibuthe: Izinkanyezi

Ngamakhosi ami abusa ngokudedelana: Ilanga nenyanga

Ngoboya eboyeni, Wo! ayive imnandi lento: Ubuthongo

Ngomama ozala ngezimbambo: Ivovo

Ngomuntu ohamba ebuza ethi iphi indlela nansi indlela: Isinene nebheshu

Ngemizi yami emibili eyakhe ngaphansi kwehlathi elimyama: izindlebe

Ngemizi emibili eyakhe ngaphansi kwentaba: amehlo

Ngomakoti wami okuthi lapho engena emzini, afake ezimhlophe, bese efika esina athi uma eqeda aphelele emahlweni: Ikhandlela

Ngezimbambo zezwe: Uthayela

Ngomuntu ohamba ngonyawo olulodwa kuthi lapho ema, ame ngezinyawo ezintathu: Ibhala

Ngebhodwe elipheka lingatheliwe amanzi: Ipipi likagwayi [inqawe]

Ngogogo ohlezi esiceshini nobhoko lwakhe: Ugogo yinkomishi, isicephu yisoso, ubhoko yithisipuni

Ngomahlala ngekhanda abanye behlala ngezinqe: Ithoshi

Ngomuntu oma ngoba esuthi, nxa elambile ulala phansi: Isaka

Ngenyoka edla ngomhlubulo, inhlanze ngomhlubulo: Isitimela

Ngensimu yami elinywa ngezandla ivunwe ngamehlo: Incwadi

Ngomama uyasuza ingane ziyabaleka: Isibhamu nxa sidubula

Ngesitimela sentaba: Ishongololo

Ngomuntu wami othi angaphuza lonke igazi lakhe ebesefa: Isibani sikaphalafini

Ngesitimela sami esingenamasondo: Inyoka

Ngensizwa yami egiya iphethe umshiza nobhoko: Iwashi nezinti zalo zombili

Ezimayelana Nemvelo

Ngensizwa yami efaka izigqoko zesiliva, kuthi kungaqhamuka inkosi yazo zizikhumule izigqoko: Amazolo

Ngomuntu omfica edla, angakuniki lutho akuyeke uzithathele: umfula

Ngamabutho ami agiya ngenkani impi ilwa: Amathonsi emvula ngenkathi liduma

Ngenkomazi yami ethi ingakhala bese izisenga: Izulu

Iziphicaphiwano Ezinde

Ngabantu bami okuthi lapho bejabulile bavunule ngemijiva eluhlaza, kuthi lapho bejabhile bavunule ngezimhlophe ezimthuqasi
Impendulo: Utshani bujabula ehlobo bubebuhlaza bujabhe ebusika bubemhloshana

Ngezinkomo ezimhlophe zonke futhi eziyinqudulu zonke zidla ehlathini elimnyama
Impendulo: Izinkomo yiminoyo ihlathi yizinwele

Ngamadoda amabili, amadoda ayasabana ahlale cingana njalo kodwa awaficani
Impendulo: Ilanga nesithunzi

Ngamabutho ami athi lapho esina ashaye uhele, onke avunule ngamavokolo amhlophe kanye namashoba amhlophe. Lamabutho ayagiya imini nobusuku awaphumuli
Impendulo: Amanzi empophoma adilika phezulu emhlophe futhi angathi angahlala phansi kudaleke inkungu emhlophe

Ngabantu bami abamemanayo babebaningi beyobhukuda bathi bengakafiki emfuleni bathi, ngeke sibhukude umngani wethu omkhulu engakafiki
Impendulo: Abantu bami izingubo ezizowashwa, umngani insipho

English Summary:
Riddles are part of Traditional Literature

By: Nelisiwe Hlongwane

Leave a Comment