Izingane emshadweni kwakuyinto ebalulekile ngoba kwakwaziwa ukuthi umuzi uzoqhubeka udlodlobale kwande isibongo somuzi ikakhulukazi uma kuyizingane zabafana. Kwakwenzeka ukuthi umakoti abenenkinga yokungabatholi abantwana. Ziningi izinto ezazenziwa ukuthi asizakale njengokuthi wayelashwa noma kucelwe nasemadlozini ukuthi amsize akwazi ukukhulelwa.
Kunezinkolelo eziningi ezihambisana nokukhulelwa komuntu ngezinto noma ngendlela ekufanele aziphathe ngayo ngesikhathi leso. Kanjalo nomuntu owayesefuna umntwana naye kwakunezinto ayekholelwa kuzo njengokuthi uma efuna umntwana omuhle, onomoya omuhle wayehamba aye emfuleni ayobuka amanzi lapho ecwathe khona, azibuke naye kuwo.
Okungafanele Kwenziwe Umuntu Okhulelwe
Umuntu okhulelwe wayengavunyelwa ukuhamba ekuseni kakhulu, kwakuthiwa uzokweqa imikhondo yezilwane neyabathakathi ekade bethakatha ebusuku. Uma kuphoqelekile ukuthi ahambe ekuseni wayeboshelwe okuthile emaqakaleni ukuvimba lemeqo.
Umuntu okhulelwe akuvumelekile ukuthi ame alunguze endlini noma aphumele phandle abuye aphindele emuva ngokushesha, ngoba wayeba nenkinga uma eseteta noma ebeletha.
Okwenziwayo Ukulungiselela Ukubeletha
Ezikhathini zakudala izibhedlela nemitholampilo yayingekho, abantu ababesiza ngokubelethisa kwakungogogo noma omama asebekhulile. Ziningi izinto ekwakufanele lowo okhulelwe azidle noma aziphuze ukwenzela ukuthi abelethe ngokukhululeka. Lemithi yesintu nayo yayihlanganiswa yibo abadala. Yayenziwa uma isikhathi sokubeletha sesisondele futhi yayibekwa endaweni engagcwali abantu ngoba kwakunenkolelo yokuthi akufanele yenganyelwe kakhulu.
Isihlambezo ngeminye yemithi yesintu osasetshenziswa namanje ngabantu abakhulelwe. Kuthiwa siyasiza nasekuqiniseni ingane noma ukuyibumba. Kwakunenkolelo yokuthi uma umuntu okhulelwe kukhona umuntu ekhaya amkhonze kakhulu ngalesosikhathi uma kuthathwa isihlambezo sikhonjiswa lowo ingane yayifana naye. Akubona bonke abantu ababesisebenzisela okuhle isihlambezo. Umuntu owayengazazi noma owayengafuni ukuthola ingane engena baba wayesithatha asibeke endaweni esizobhekwa yilowo asuke esemthanda ngalesosikhathi. Kuthiwa ingane yayifana nalowo muntu abanye baze basizwe ukuthi idlozi libe nolaka liveze ukuthi ingane akuyona yalowomuzi.
Ngesinye isikhathi kwakubanzima ukuteta uma umuntu kukhona abanga naye isoka. Ngosuku lokukhululeka noma lokubeletha uma kubonakala lobunzima abantu abadala babethatha itshe kuthiwe akalibelethe. Omunye babemtetisa itshe uma kungukuthi akekho ekhaya ngesikhathi efikelwa izinhlungu esazohamba ibanga kwakwenzela ukuthi angabeletheli endleleni aze afike lapho eyakhona. Uma kubonakala ubunzima kakhulu abadala bebethethisa noma bashweleze edlozini balibuze ukuthi lithule lithini, sekungaze kufe umuntu eteta. Kweminye imizi bashaya indlu noma udonga ngesizathu sokuthi basuke bethethisa idlozi. Bayalishaya ngoba banenkolelo yokuthi lisuke lingaphandle odongeni lendlu. Abanye abantu baze bahlabe ukuze akhululeke omunye. Ngesinye isikhathi uma kunzima kwakutshelwa ubaba wengane uma esekhaya ngalesosikhathi ukuth akakhumule abenqunu babekholelwa ukuthi izingubo kungaba yizo ezibambe obelethayo.
Uma Umuntu Esebelethile
Uma umntwana esefikile emhlabeni abantu abadala ababehlanza lapho bekubelethelwa khona baqoqe nomzanyana wenziwe okuqondene nomndeni noma nesibongo leso. Kuningi okwenziwayo njengokuthi abanye:
• Bayifaka emfuleni khona izodliwa izinkalankala,
• Bayibeka endaweni ezodliwa yizintuthane khona,
• Bayibeka emsamo ize iphelele khona.
Kuyahluka umuzi nomuzi okwenziwayo abanye bayayibeka uma umuntu engabelethelanga kubo kangane leyo aze ahambe nayo mhla eyakhona. Abadala bekhaya babeyigeza ingane bese bambe umgojana endlini bathele khona amanzi lawo ngoba kwenzelwa ukuthi ingane ingakhohlwa ikhaya noma ingabhunguki noma uma ikhulela ekhabonina kodwa ibuye ize ekhaya kubo.
Kweminye imizi ingane uma izelwe bayigcoba ngebomvu ukwenzela ukuthi ingabi noboya lapho bungadingeki khona emzimbeni.
Umuntu osanda kuteta noma ukubeletha ubizwa ngokuthi umdlezane. Abantu besilisa abangeni lapho kukhona yena khona futhi naye akaphumeli ngaphandle kuleyondlu atetele kuyona kuze kuphele izinyanga ezintathu. Nengane ayiphumeli ngaphandle abantu besifazane kuphela noma omama kuphela abayibonayo ingane. Kufanele lendlu ihlale ihlanzekile iyasindwa futhi aphekelwe ukudla okuzobuyisa amandla.
By: Nelisiwe Hlongwane
Sanibonani,Mina inkinga yam ngishadile kodwa abantwana angibatholi lapha engigane khona sengihambile odokotela lutho ,ngicela usizo ukuthi ngenze njani
Ngicela usizo ngthole abantwana