Izinkolelo ngamawele

Isintu kwaZulu sinezinkolelo ezijule kakhulu, ngokukholelwa kuzo, ziyasebenza. Ukuzalwa kwengane emndenini inhlanhla enkulu. KwaZulu kwakuba nzima uma kuzalwe amawele emndenini ngenxa yezinkolelo ezazimbandakanyiswa namawele. Amawele kwakukholakala ukuthi uma endawonye izinto azihambi kahle ngenxa yamandla nemimoya ethwelwe ngamawele. Kwakukholakala ukuthi inyoka yayivele idlule kulowo muzi onamawele idale umonakalo omkhulu. Inyoka le eyaziwa ngenkanyamba isilwane esingakaze sibonakale kepha kwaziwa ukuthi inyoka ehamba ngefu elimnyama ethi lapho idlule khona kuphephuke yonke into, kudaleke lomonakalo.

Amawele ayeye ethi uma endawonye, axoxe ngezinto ezijulile nezesabekayo, abadala abangafisi ukuthi zikhulunywe nje esigcakini noma kanjani.Lezizinkolelo bezanda njalo isigodi nesigodi sinenkolelo ethize ngawo amawele okudala ukuthi nezinye izigodi zigcine sezilandela noma zikholelwa kuzo lezizinkolelo zakwezinye izigodi. Ngenxa yalezi zinkolelo, amawele abehlonishwa kakhulu. Bekuthi uma umuntu ehlangana nawo amawele, uzowakhunga ngesipho esithize kanye kanye, kungaba noma yini ebambekayo. Lokho bathi kudala ukuthi wena muntu obaphile ulandelwe izinhlanhla.

Akuvamile ukuthi amawele abe nesiphiwo esifanayo, elinye uma lilungile, elinye liba yiqhalaqhala, omakhuzwanjalo. Lokhu ke okubenza babe yizintandokazi. Futhi kuye kuthi uma efana ngobulili, kubenzinyana ukuwahlukanisa. Yilapho ke ubona khona ukuthi omunye uba mkhudlwana kunomunye, noma omunye unezwi elincanyana nesizotho kunomunye, noma lona omunye uba yimvu yenkosi kuthi lona omunye abe ukhuzwa ngapha nangapha. Ebuhleni bamasiko nezinkolelo, kukhona nobubi obuyihlazo elesabekayo, noma umkhuba omubi.

KwaZulu umkhuba ngamawele ngenxa yezinkolelo ezazikhungethe isizwe, kwanguyinto enesihluku nokuhlukumeza komndeni nomama wawo lamawele azelwe. Akuveli kahle hle lapho laqala khona isiko lokwendisa amawele kepha lona lalizama ukunciphisa umbango ebukhosini uma amawele eyinkosana womabili. Phela isizwe sasingeke sibuswe abantu ababili ngoba bethi bangamawele, ngakho ubukhosi behlele kubona bobabili. Isisho sesizulu ziyasho futhi sithi akukho sibaya sabuswa zinkunzi ezimbili. Eyodwa kumelwe igobe iphondo. KaZulu yayigoba uphondo ngokuthi elilodwa lendiswe. Lokhu kwakuba umkhuba wokubulala elilodwa ngokuthi begwema lamandla nezinkulumo ezazenziwa yiwo amawele uma ephila womabili. Futhi kwakubalekelwa nombango wobukhosi uma bezalelwa ebukhosini. Kwakuthiwa ligwinyiswe igabadi noma lendisiwe. Indlela yokuhloniphisa ukuthi liyiswe kagoqanyawo.

Kwakuthiwa lokhu bakwenzela ukubalekela ulaka lwawo uma ehamba womabili, kuthiwa ayeye abuye athathe wonke umndeni noma uma lihambe lodwana leli elinye, lizobuya lilande elinye bese ubumnyama bukhungathe lowomndeni. Kwakuthathwa elilodwa libulawe, bese kuthi uma selizongcwatshwa, kothi leli elisaphila, lithathwe lifakwe emgodini uzongena leli elendisiwe. Bathi Lokhu kwenzelwa ukuthi isithunzi saleli eliphilayo seleke leli elendisiwe bese lingabuyi ngoba lithi lihleli nozakwabo. Kochelwa intelezi ngalesisikhathi liphakathi leli bese isithunzi salo sisalele lapho emgodini, kuthi ke uma seligcwatshwa leli, ngeke lize lihluphe ngokubuya.

Ngokuhamba kwesikhathi, amawele ahamba afihlwa uma ezelwe ngenxa yokuthi abazali bebewathanda womabili kube nzima ukwazi ukuthi kumele elilodwa life. Bekuthi uma selikhulile bese livezwa emndenini bese ligezwa ukuvikela amandla amabi namabhadi angehleli kulowo mndeni ngokuphula isiko. Kweminye imizi bekuze kuthi uma ligcwatshwa, limbelwe umgodi phambi komnyango womunye wemizi lapho kukhona amawele.Lomkhuba uhambe wahamba washabalala ngoba manje amawele awasabulawa. Kepha kusakholakala ukuthi asanamandla athweswe emaweleni.

Leave a Comment