Ingadi Yomndeni

One Home, one Garden
Abezolimo bayagqugquzela ezindaweni zasemakhaya ukuthi imindeni ibe nezingadi emakhaya okungenani ingadi eyodwa ikhaya nekhaya ukuze kugwemeke indlala emakhaya. Loluhlelo selunesikhathi lwaqala kanti futhi abezolimo banikela ngezimbewu kuyona yonke imindeni ukwenza kubelula ukuthi baqalise ngazo ukwenza izingadi zezaqathe emakhaya abo.

Contents

1 Ukwenziwa Kwengadi
2 Ukwakha Ibhede
3 English Summary
4 Family garden
5 To Make a Garden

Ukwenziwa Kwengadi
Ukuqaliswa kwengadi akusiwo umsebenzi obukhuni kanti futhi kuthatha isikhathi esincane. Abanye uma benza izingadi baye bancamele ukuthenga izithombo esezilungele ukutshalwa kanti abanye bayazigqumisela bona emabhedeni abasuke bezakhele wona. Ukugqumisa ikona okuncono kunokuthenga izithombo ngoba kukhipha izithombo eziningi ezingenza ingadi enkulu.

Ukwakha Ibhede
Uma wakha ibhede kufanele uqale ngokuhlanza indawo, ususe ukhula bese uyayivukuza ukuze umhlabathi uthambe. Ibhede kudingeka lisekelwe ngezitini, izibonda noma othayela. Ukuze izithombo zikhule kahle ungafaka umquba ngoba uyavundisa futhi uyawabamba amanzi, umquba utholakala ezinkomeni, ezimbuzini kanye nasezinkukhwini. Uma selilunge kahle ibhede ube sewufaka izimbewu lezo osuke uzigqumisa kungaba imbewu ka anyanisi, isipinashi, iklabishi kanye nokunye, bese umboza ngotshani ukuze izinkukhu zingaqhwandi.

Uma sezitshaliwe ziyachelelwa ekuseni kanye nantambama njalo ngosuku ukuze zikhule kahle. Kuye kuthathe usuku kuya esontweni ukuthi ziqhume kodwa zisuke zisavele ngezihloko. Kanti ukuze zilungele ukukhishwa ziyotshalwa kwenye indawo kuthatha isonto kuya kwamathathu lapho zisuke sezingakhishwa ebhedeni ziyiswe kotshalwa lapho zizokhula khona zize zilungele ukuvunwa.
Ibhede lona liyaphinda lisetshenziswa ukugqumisa ezinye futhi izitshalo okuzothi uma kuvuthwa lezi ezitshalwe kuqala nazo zibe sezikulungele ukukhishwa ebhedeni. Lokho kwenza ukuthi izitshalo zihlale zikhona.
Ukutshala kubalulekile ngoba kugwema ukuthi uthenge yonke into esitolo nale esikwaziyo ikuzitshalela yona. Imali iyagcineka ukuze sikwazi ukuthenga lokho esingakwazi ukukutshala kanti futhi sihlala njalo sidla ukudla okunempilo okungafakiwe imithi. Lokho esisuke sikutshalile siyabapha nomakhelwane bethu yize nabo kusuke kufanele babe nayo ingadi ngokomyalelo wabezolimo.

English Summary

Family garden
Department of Agriculture encourage people in rural areas to make at least one vegetable garden at their home. The garden will help them to prevent poverty and the Department is giving them the seeds for different vegetables so that they can start their gardens.

To Make a Garden
It is very easy to start a garden, you start by preparing a land and then make a bed where you will plant your onions, spinach, carrots, etc, put compost on the bed so that the plants will grow fast. Then after planting the seeds you need to put grass on top of it so that the chickens won’t ruin it and then water it in the morning and in the afternoon. It will take a week or so for the plants to come out and take two to three weeks for the plants to be ready for transplant.
The plants will be transplanted and you will continue to water them until they are ready to be cooked and eaten. If you like you can also share the crops with your neighbours.

By Zanele Shange

Leave a Comment