Indoni cultural Festival 2021

Sezihubela sakusha impela manje ngomcimbi wonobuhle obizwa ngokuthi Indoni Festival la izintombi kanye nezinsizwa ngokuhlukana ezisuke zidlana khona zigabiselana ngobuhle nangobuhle bemvunulo yazo. Ngonyaka ophelile lomcimbi wozime wesintu waphazimiseka ngesimo sezempilo ezweni kanti ke kulonyaka lomcimbu ubuye ngezinkani inkosimpela. Kanti ke nesasasa liningi kakhulu kulokhu ngoba izintombi nezinsizwa kanye nabo abahleli bami ngomumo bavivile.

Indoni ayithinti nje kuphela ukuvunula kwezintombi zamasiko ahlukene kepha intinta izinto eziningi. Lana singabala ukuzigqaja ngobuthina, ukuziqhenya ngoku ngamagugu kuthina kanye nezinseka zethu ezisenza sibe abantu. Kanti nje okunye Indoni iphinde ifundise izintombi amakhono esimanje awezemisebenzi, ukuziphatha, izindlela ezahlukene zokuzi thuthukisa kanye nokuzivikela ezifweni ezihambisana nezifo zocansi. Akugcini ngalokho kubuye kufundiswe intsha ngendaba yezidakamizwa notshwala nokuthi bangazi bandakanyi kukhona ngoba kuzobalimazela ikusasa labo.

Njengoba sazi ukuthi ukuze ozime bakwazi ukuqhudelana nabakwezinye izifunda baqala ngakho ke ukuthi baqhudelana kwisi fundazwe sabo babe ompetha khona. Lokhu kuba sekulandelwa ukuthi loyo osuke eziqwaqwade amakhanda wahlabana ngesicoco ebe esemela isifunda sakhe. Lana ke KwaZulu sizomelwa intokazi esencane edabuka ePinetown endaweni yaseKlaarwater uZibuyile Zibani okunguyena owazishaya amakhanda ezinye izintombi wanqoba ukuba amele isifunda sakwaZulu. Bese kuthi kumabhungu kube Afikamabiyase Ziqubu ohlala eMgungundlovu kodwa odabuka eMsinga. Umgubho weNdoni 2021 uzoba se Durban International Conference Centre nokuyilapho ozime bakuzo zonke izifundazwe bazobe beqhudelana khona. Kanti ke abantu base sefundeni sakwaZulu bayacelwa ukuba bavotele uZibuyile Zibani ngokuthibhala lezinhlamvu “Indoni Miss Zulu” kwinombolo ethi 33616. Kanti ke uZiqubu avotelwe kanje “Indoni Mr Zulu” kulenamba ka 33616.

Brief overview

The Indoni Cultural Festival is back with a bang in the year 2021. It will be hosted on the 17th December 2021 at Durban ICC. The festival signifies and appreciates the value of different cultural groups in different South African provinces. It also places great emphasis on the pride of our heritage, values, and different cultural identities of indigenous people.

Leave a Comment