USamoosa ukudla okudumile okuthandwa ngamaNdiya, izizukulwane ngezizukulwane. Uhlanganisa uflawa kanye nesishebo osithandayo. Senziwa ngezikhathi zemicimbi noma zemithandazo ethile noma emishadweni. Nangesikhathi sikaDiwali kuyenziwa lokudlula. Uyatholakala nasezindaweni zokudayisa ezahlukene zaMaNdiya. Lokudla kulula ukukwenza futhi kwakunika amandla aMaNdiya ayesebenza emasimini ngezikhathi zakudala. USamoosa owejwayelekile owenyama egayiwe yenkomo, owethini likafishi noma amazambane.
Izinto zokwenza owenkukhu
- U-500g wenkukhu egayiwe
- U-anyanisi owodwa
- Ogaliga ababili abagayiwe
- Ithisipuni likakhariphawuda
- Uhhafu wethisipuni sikapelepele oyimpuphu
- Ithisipuni le ground turmeric
- Uhhafu wethisipuni le ground roasted cumin seeds
- Upelepele owodwa oqotshwe wamncane
- Ithisipuni elilodwa le mint noma i coriander eqotshiwe
- Uhhafu wethisipuni we gingersalt kanye ne ground pepper
- Nejusi kalamula (uhhafu)
Indlela yokwenza
Shisisa amafutha epanini elinganamatheli. Faka u-anyanisi nogalikha. Hlanganisa nezipayisi nosawoti. Thosa kuze kuthambe. Faka inyama ugovuze kuze kuvuthwa. Kususe emlilweni bese ufaka iminti nejusi kalamula ugovuze. Beka eceleni kuphole.
Ukwenza inhlama
- U-25mg ka cake flour
- Amathisipuni amabili kasawoti ofayini
- Izipuni ezimbili zamafutha
- U-80ml wamanzi afudumele
Indlela yokwenza
- Hlanganisa uflawa nosawoti endishini.
- Vula imbobo phakathi nendawo ufake amafutha kanye namanzi enele ukwenza inhlama eqinile.
- Xova inhlama endaweni eqondile phezu kukaflawa ize ithambe bese uyenza ibhola.
- Yimboze ngepulasitiki uyibeke eceleni imizuzu engu-30.
- Hlukanisa inhlama izingcezu ezilinganayo ezingu-12.
- Ucezu ngalunye lwenze ibhola bese uyalwendlala libe ngu-15cm.
- Hlukanisa lokhu izingcezu ezimbili ezilinganayo ngombese.
- Gcoba emakhoneni ngamanzi bese wenza okusakhoni ngeminwe yakho uhlanganise amakhona amanzi.
- Faka isishebo sakho osiphekile ukale ngesipuni bese uyavala.
- Thosa usamoosa emafutheni ashisayo uze uvuthwe noma ubesansundu ngaphandle.
Ukhiphe. Ungawubeka usamoosa ungakaphekwa kwi-freezer. Yenza usamoosa ongu-24.
Yoveshnie Pillay