INala Pottery Dynasty

Nesta Nala
Nesta Nala

Nakuba esikhathini samanje uke ubone izinkamba zenziwa ngamadoda, ngokwesiko ukwenza ukwenza izinkamba okwabesifazane, abangagcini nje ngokwenza izitsha zobumba, kodwa futhi yibo abagaya umqombothi ongena ezimbizeni. Nakuba izimbiza zesiZulu zisebenza futhi zihlobisa, awesifazane womndeni wakwaNala sebekubeke kwelinye izinga ukwenza izinkamba, bakhiqiza lokho okungachazwa njengomisebenzi wobuciko wangempela!

Okuhlanganisa izizukulwane ezintathu zabakha izinkamba zesiZulu, izitsha zobumba ezibunjwe kahle zika MaNala zenziwa oThukela Valley KwaZulu Natali. Ukuhlonishwa kwethalente lomndeni kwaqala ngoNesta Nala (1940-2005), owahlonishwa ngokuvuselela izitsha zesi Zulu, okwaziwa ngokuthi ukhamba. UNesta waqala ukwenza izinkamba eneminyaka eyishumi nambili, efunde umsebenzi wezandla kumama wakhe, uSiphiwe, naye owayengumbumbi odumile owakha izinkamba ukuze zisetshenziswe endaweni. UNesta yena wadlulisela isiko emadodakazini akhe, uJabu, uThembi kanye noZanele, ngamunye bazenzele esabo isitayela esihlukile.

A Zulu water pot by Nesta Nala
Ukhamba olubunjwe uNesta Nala

Nakuba izinkamba zika MaNala zibenesasa ngokushesha , ukuhlobisa emsebenzini wabo kuphambana nesiko ngandlela thize, futhi kuthiwa kugqugquzelwe imidwebo yezingcezwana zebhodwe lensimbi elaboniswa uNesta numphenyi wezinto zasendulo (archaeologist) wasendaweni. Imidwebo, njengezinhlanzi, amahawu nezindlu, iyingxenye yomsebenzi kaMaNala, into engavamile ukubonwa ezitsheni zobumba zesiZulu. Okunye okwenza amabhodwe abo ahluke, ukuthi asayiniwe, umphumela wokuncintisana ezweni eliqhakambisa yonke imisebenzi yobuciko.

Jabu Nala, daughter of Nesta Nala
Jabu Nala, indodakazi kaNesta Nala

Uhlobo, isiphetho ngisho nosayizi- zingaba nkulu impela! – izimbiza zika MaNala zibenza bahluke esixukwini, zikhiwa kusetshenziswa izindlela zendabuko zobumba zipholishwe ngesandla, lube lubushelelezi futhi lushiswe ngamatshe omfula uma seluqinile. Amaphethini okuhlobisa enziwa emlonyeni wezinkamba, noma enziwe ngqo esiswini (phakathi nendawo) kusetshenziswa indlela thile ngokufaka izincezu ezincane zobumba ukuze kwakheke iphethini. Izinkamba zibe seshiswa kabili, okwesibili ziveza umbala wazo omnyama.

UNesta Nala wamenywa ukuba amele iNingizimu Afrika ku-Cairo International Biennial for Ceramics ngo-1994, futhi wazuza umklomelo wokuqala ku-FNB Vita Craft Competition ka-1995, kanye ne-National Ceramics Biennial ngo-1996. Umsebenzi wakhe, kanye nowamadodakazi akhe, umele amakholekithini amaningana ahlala unomphela eNingizimu Afrika yonkana, futhi ifunwa umhlaba wonke.

Leave a Comment