Imizekelo yizindaba ezehlela abanye abantu bese zixoxelwa izingane ezisakhula ukuze zikhule kahle ngenhlonipho nangesizotha, zihloniphe noma yimuphi umuntu omdala hhayi abazali bazo kuphela. Lezindaba yizinto ezenzeka ngempela emiphakathini ethile bese ziyasetshenziswa ukukhulisa kahle izingane. Imizekelo ayifani nezinganekwane. Nazi izibonelo:
Ingane nezinswazi
Kuthiwa kwakukhona umama owayenengane. Lengane wayeyitotosa kakhulu ngendlela yokuthi uma ifuna into wayengayinqabeli noma kungafanele avume yaze yakhula yabandala inalomkhuba, ikhalele nezinto zezinye izingane umama wayo ayikhulumele kuthi noma yonile angayishayi nomuntu ozama ukuyiluleka wayengavumi. Kwathi langathize ingane yagula yashona. Enziwa amalungiselelo omngcwabo njengenjwayelo lwaze lwafika usuku. Kuthiwa ngesikhathi sokubonwa ebhokisini kwabonakala izinswazi kwezwakala nezwi layo icela umama wayo ukuthi ayishaye kuthiwa wathi uyalivala umfundisi ibhokisi langavaleki izwi lilokhu liqhubekile ukuthi unina akayishaye. Yaze yasho ukuthi ithunyiwe ukuthi icele umama wayo ayishaye ngoba wayeyitotosa iseyincane.
Ubaba owayengakholwa
Kwakunomndeni owawukholwa kodwa inkinga ubaba wekhaya wayengayi esontweni kuya umama kuphela. Kuthiwa njalo uma lomama esenkonzweni wayethandaza ebika ubaba wekhaya kuNkulunkulu. Kuthiwa inkinga ekhaya kwakungukuthi ubaba wayengakholelwa ekutheni umama uyasonta wayehlale ethi uzihambela izindlela zakhe. Kwathi langa thize esekhathele yilempi, wanquma ukuthi kuzothi ngesuku lwesidlo senkosi, yena uyosigcina esakhe angasidli abuyele naso ekhaya ukuze akhombise umyeni wakhe ukuthi ngempela ubuya esontweni. Nangempela wenzenjalo kuthiwa kwathi nesonto lingakaphumi kwabonakala kugcwele igazi eliningi eduze kwakhe kungaziwa ukuthi liphumaphi naye engasazi ukuthi uzokwenzenjani kuthiwa wonke amakholwa athandaza kakhulu kwaze kwanqamuka ukopha. Kwathi uma ebuzwa ukuthi isidlo usigcineleni washo ukuthi ubesiphathele umyeni wakhe ekhaya ukuze akholwe.
Kuthiwa enye indoda yayikholwa kodwa inenkinga yokuthi njalo yayehlelwa izinto ezibuhlungu. Ngoba yashonelwa, futhi igulelwa ngamalunga omndeni wayo. Ngelinye ilanga yathatha isinqumo sokuthi kufanele iye entabeni iyokhuleka kunkulunkulu wayo. Ngempela kuthiwa yafika yathi: “Nkosi kanti ufunani kimi uqale wathatha umfazi wami ngathula, wabuye wathatha zonke izingane zami manje usufunani? Kuzomele uthathe mina-ke khona uzoqeda ngami. Isho konke lokhu icimezile, ibheke phezulu. Kuthe lapho ivula amehlo yabona ngesithunzi somuntu emi phambi kwayo ayibange isaqedela ukukhuleka, yezwakala isimemeza ithi: “Mina bengingasho masinyane kangaka.” Yabaleka yashiya isithunzi.
Imizekelo yokuxwayisa izingane
Ingane eyebayo nengeneliseki enomona efuna ukudla yodwa, noma efuna izinto zabanye. Abazali bayo bamane bayiphakele kakhulu esitsheni esikhulu kuthiwe ayikudle ikuqede noma isisuthi. Kuthi ingane ejwayele ukweba kuye kuthiwe kuyo ingelosi yayo izolala idiniwe uma yeba, uma iqhubeka abazali bayo bathi kothi isifile uNkulunkulu ayinike imali eningi eshisayo ethi wena ngane embi awuhloniphanga usesemhlalabeni nayi lemali owawuyintshontsha, umehluko ukuthi lapho imali oyithathayo iyobe ishisa utshelwe ukuthi uma ungayithathi uyiswa kasathane akuhlabe ngenmfoloko emlilweni. Hlonipha uyihlo nonyoko yikhona izinsuku zakho zobazinde ezweni.
By: Nelisiwe Hlongwane