Funda amakhono wedijithali efonini yakho, ngesiZulu, mahhala!

INingizimu Afrika ibhekene nokwentuleka kwamakhono okuwumthelela wokwanda kwezinto zobucwepheshe. Izakhamuzi zidinga ukufunda ngesisekelo samakhono obucwepheshe, lokhu kufaka nolwazi lokusebenzisa ikhompyutha, ukuthi usesha kanjani, kanye nokuhlola, ulwazi ku-inthanethi. Lolu lwazi lungabachushisa ekwazini izinto ezahlukene njengolwazi lokuzivulela ibhizinisi elincane noma ukubona izindaba ezingelona iqiniso nabenza ubukhonyovu ku-inthanethi.

Izinkundla zokufunda ku-inthanethi azibasizi abantu abaningi eNingizimu Afrika. Izifundo zisebenzisa amadatha amaningi kanti futhi zethulwa  ngezilimi ezingajwayelekile kubafundi. Abadali be-Diji bathi:

Senze ucwaningo nabantu abangamaZulu abangaphezu kuka-8,000 esifundakwezi KwaZulu Natali naseGoli. U-94.5% wabo ufuna ukufunda komakhalekhukwini ngolimi abaluncela ebeleni. Sakhe iwebhusayithi yokufunda ngomakhalekhukhwini. Nge-Diji (www.diji.africa/zu) sihlanganise amandla we-inthanethi kanye nokufunda ngolimi lwebele ukuletha izifundo ezimfishane ngesisekelo sobuchwepheshe bamakhono kubantu abakhuluma isiZulu.

Cofa lapha ukuqala ukufunda ngobuchwepheshe bamakhono ku-WhatsApp ngesiZulu mahhala.