Akuselona leli kheli – Kusuka ekubeni uWindermere Road kwaba uLillian Ngoyi Road

Funeral of Lilian Ngoyi, March 1980
Umngcwabo kaLilian Ngoyi, March 1980

Kulolu chungechunge lokubhala nge- No Longer at This Address (Akuselona leli kheli), sibheka umlando womuntu siqu ngemuva kwamagama emigwaqo emisha eThekwini, futhi njengoba lo Mgqibelo kunguSuku Lwabesifazane eNingizimu Afrika kubonakale kufanelekile ukuthi sihloniphe omunye wabantu abakhulu baseNingizimu Afrika abaholi besifazane, uLillian Masediba Ngoyi.

Umgwaqo uLilian Ngoyi, phambilini owawunguWindemere Road, waqanjwa ngegama lowesifazane wokuqala owakhethwa ekomidini eliphezulu le-ANC. UNgoyi, owaba ngumengameli we-Women’s League, wahola imashi ka-1956 Agasti 9 yabesifazane abangu-20 000 beya e-Union Buildings ePitoli, bebhikishela ukuthi abesifazane kumele baphathe amapasi njengengxenye yemithetho yamapasi yobandlululo. IStrijdom Square, lapho imashi yaqala khona, yaqanjwa kabusha ngokuthi iLilian Ngoyi Square ngo-2006, ukukhumbula iminyaka engu-50 yale mashi.

NgoDisemba 1956, uNgoyi waboshelwa icala lokuvukela umbuso kanye nabanye abantu abangu-156, futhi waquliswa icala kwaze kwaba ngo-1961 njengomunye wabasolwa ecaleni lokuhlubuka leTreason Trial elineminyaka emine. Maphakathi nawo-1960 waboshwa ngaphansi komthetho wezinsuku ezingu-90, i Detention Act futhi wachitha izinsuku ezingu-71 evalelwe yedwa. Eminyakeni eyishumi eyalandela uNgoyi wafakwa ngaphansi kokuvinjwa, nemikhawulo yezinto ezazivame ukwenzeka ekhaya lakhe eSoweto, futhi wavimbeka ekutholeni impilo esezingeni elifanele.

ULilian Ngoyi wahlushwa yinhliziyo futhi washona ngomhlaka 13 Mashi 1980 eneminyaka engu-69. Ake sithathe isikhashana ukwazisa uLillian nabesifazane abaningi ababemi eceleni kwakhe ukusiza ukwenza iNingizimu Afrika izwe elikhululekile namuhla.

Izithombe ngezilokotho ze-SA History Online. Ngeminye imininingwane ngoLilian Ngoyi iya kuwww.saho.org.za.

Leave a Comment