Ziningi izinto ebezenziwa phambilini ebezicindezela amalungelo abantu besifazane bese zibekwa njengamasiko. Amasiko nemikhuba sekwenziwe sengathi into eyodwa kanti akunjalo. Ukuveza umehluka nje kancane, isiko yinto elandelwa umphakathi wendawo thizeni noma isizwe esithile njengokulobola kumaZulu. Bese kuthi umkhuba yinto eyenziwa imizi ngokwehlukana kwayo njengokunqunywa ucikicane uma ungowakwaNgubane. Uma ubhekisisa futhi ulandelela umlando imikhuba eyayicindezela abantu besifazane yayivuna iphinde ivikele amadoda.
Owesifazane oganile wayebhekana nokuthi kumele athole abantwana ukuqhuba/ukumisa isibongo sasemzini. Inkinga yayiqhamuka uma kusolwa noma kubonakala ukuthi indoda ayinayo inzalo. Kunalomkhuba owawenziwa kweminye imizi wokuthi kunxenxwe umfowabo wendoda (engenanzalo) ukuthi atholise umfazi kamfowabo izingane ukuze kube izingane zegazi elilodwa. Lokhu kwabe kwenziwa ngasese ngaphandle kwemvume yendoda engenanzalo.
Lomkhuba sike sawubona kumdlalo kamabonakude (TV) Imbewu:The Seed, season 1, inqikithi (storyline) yalomdlalo ibiyakhelwe kulomkhuba. Uzokhumbula ukuthi uNgcolosi wathola ukuthi izingane ezine azikhulisile ethi ngezakhe, ezikamfowabo uShongololo kulomdlalo. Esinye isimo esithi asifane sisibona komunye umdlalo kamabonakude i-Durban Gen, kulomdlalo sibone uDokotela uThabo Dlamini engazitholi izingane okuholela ekuthini unkosikazi wakhe uDr Precious Dlamini acele uSbusiso umfowabo kaThabo ukuthi amtholise ingane.
Lokhu okwenzeka kulemidlalo kuvusa umbuzo ngabe lomkhuba usenziwa yini esikhathini samanje? Phela kuye kuthiwe iTV ibonisa impilo ngokoqobo (tv reflect reality). Lezi ngezinye zezimo abasifazane ababebhekana nazo emshadweni ukuze bamise imizi yamadoda.
Kuningi osekwenziwe nokusaqhubeka kwenziwa ukuvikela ukucindezeleka kwabantu besifazane namalungelo abo. Ukuvezwa kwalezi zimo kumabonakude kuveza ngokusobala ukuthi abasifazane babhekana nezinqinamba ezinjani emshandweni bevikela isithunzi somuntu wesilisa.
Article Overview
There is a lot that women do in marriage that infringes on their rights. One of the customs that was done in the olden days was that when a man (husband) couldn’t bear children, the elders would ask his brother to impregnate his brother’s wife in order to keep the lineage. We saw this custom as the storyline for an episode in the soapie Imbewu: The Seed. Women have faced unfair circumstances while maintaining their marriages and protecting their husbands’ pride and dignity. Much has been done to protect women’s rights but, when it comes to marriage, there are still many issues to address.