Ukushintsha kolimu

Ukushintsha kwezikhathi kusho ukushintsha kwendlela yokwenza izinto ezindaweni esihlala kuzo kanye nasemphakathi esiphila kuwo. Noma singanalo ulwazi oluphelele ngokuthi emandulo bekuphilwa kanjani kepha sinaso isithombe ngolwazi esiluncele kwabadala emakhaya. Izalukwazi namakhehla asifundise okukhulu mayelana nokukhula, izigaba zokukhula, inhlonipho, indlela yokukhuluma nokunye okuningi. Kuningi osekushintshile ngoba ngisho nazo izinto ezithinta usiko namasiko akithi sekushintshile. Ezintweni zonke esezishintshile esingathi kuhamba phambili manje ukukhulunywa kolimu lwethu.

Ngeke sazi noma ukufudukela kwabantu abaningi besuka emakhaya beya emadolobheni osekwenze indlela okukhulunywa ngayo yashintsha. Noma mhlambe ukuhlangana nezinhlanga ezahlukene esekwenze saxegisa ekukhulumeni ulumi lwethu oluqondile. Noma mhlambe ke ukukhula esikhathini lapho khona izimfundiso mayelana namasiko ethi sezincane kakhulu ngenxa yokuthi asisakhuli nabantu abanolwazi olunzulu ngesintu sethu. Kodwa khona kukhona okuwumsuka wakho konke ngoba sesisilahlile isintu kancane ngolimu.

Sekunomehluko manje indlela okukhulunywa ngayo ngoba ayisafani nasekuqaleni. Izindlela zokubingelela, ukubamba ingxoxo akusafani ngoba manje sekunezinye izilimu ngaphezu kwalezi ezizaziwa njengezilumi ezihamba phambili. Ezindaweni zamalokishi isikhathi esiningi kukhulunywa ulimu olubizwa ngokuthi i-slang noma tsotsitaal okuyindlela yokukhuluma exuma izilimu. Uma ukhuluma nje isiZulu esiqondile ezindaweni zakhona la kukhulunywa slang khona bakubuke bakuxwaye. Kanti nasezindaweni zasemakhaya okukhulunywa khona isiZulu nje bayakuxwaya uma ukhuluma tsotsitaal lokhu kuyizinkomba zokuthi ulimu selushintshile nendlela esixhumana ngayo. Noma ingashintsha kanjani indlela yokuxhumana kepha okusemqoka ukuthi abantu bangalahlekelwa ulwazi oluphelele ngezilimu zabo.

Brief overview

Due to migration attributed to modernity from the rural areas to the city life the language spoken has immensely changed over the years. Although there are various factors contributing to the rise of language change in articulation and actual language is spoken, it is important that people do not lose their languages completely at the expense of modern language.