Ubizo, osaziwayo nokushintsha kwesikhathi

Indlela yokuphila iyashintshashintsha, isikompilo alisefani njengesikhathi sobabamkhulu. Ukuba nobizo lokwethwasa nokuba isangoma bekuba into enkulu nengavamile ukuba yenzeke noma yamukeleke kalula. Esikhathini esiphila kuso kubukeka banda abantu abathi abanobizo, kusukela kubantukazana kuya kosaziwayo. Kuleli likaMthaniya sike sabona sikhula isibalo sosaziwayo abamukele ubizo lokwethwasa, babe izangoma. Singabala osaziwayo abanjengo Kelly Khumalo, Boity Thulo, Zodwa Wabantu, Baby Cele, Nandi Nyembe, Dawn Thandeka King ukubala abambalwa. Laba abavumelanga ukuba osaziwayo kuvimbe ukwamukela ubizo.

Izangoma zesimanje

Ukwanda kwabantu abemukele ubizo lokuthwasa nobungoma kushiye iningi labantu limangele ukuthi ngabe ngempela osaziwayo bayizangoma zangempela noma sekuyisitayela nje. Lokho kuza ngemuva kokubona indlela yokwenza izinto nokuziphatha enomuhluko kuneyejwayelekile. Abanye osaziwayo baveza ukuthi babhekanile nezinselele, bezama ukuziba ubizo kepha bagcina bevumile. Kanti abanye baveza ukuthi baxakwa abantu ngemibono yabo ngabizo ukuthi kumele babukeke kanjani, aziphathe kanjani noma agqoke ngandlela thize. Lokhu kuveza ukushintsha kwesikhathi nokwenziwa kwezinto.

Kusadliwa ngoludala uma wamukela ubizo, uthwasa uze ube isangoma kunezinto noma imiyalelo ebekumele uyigcine. Uma uyisangoma bekwaziwa ukuthi uyabhula futhi welaphe abantu kepha lokhu kubukeka kungeyona indlela yokwenza yasemandulo. Lokhu kwenza abanye bazibuze ukuthi osaziwayo bayozangoma zangempela na?

Article overview

Times are changing and our culture and traditions are also changing. The calling to be a sangoma seems to have been taken up a share of our celebrities. With so many celebrities ‘accepting their calling’ people have begun to question if they are real sangomas or whether this is just a publicity stunt?