I-Africa’s Travel Indaba Iyabuya

I-Africa’s Travel Indaba ingomunye wemincimbi yezokuvakasha omkhulukazi e-Afrika. Lo mcimbi uzobuya kulonyaka ngemuva kweminyaka emibili ungekho ngenxa ye-Covid 19. Ukuqubuka kobhubhane i-Covid 19 kuphazamise izinto eziningi emhlabeni njikelele yaphoqa amabhizinisi amaningi ukuthi eyeke ukusebenza noma athole izindlela ezintsha zokuqhubeka nokusebenza.

Indaba ngokuhlangayela itshengisa umhlaba kabanzi ngezokuvakasha zaseNingizimu Afrika kanye namazwe aseningizimu ye-Afrika (Southern Africa), ikhuthaza izivakashi emhlabeni jikelele ukuba zazi ngezinto ezahlukene nezindawo ezihehayo kwezokuncibeleka. Lo mcimbi ubalulekile kumnotho wezwe, nakakhulukazi kubahlali baseThekwini njengoba ugqugquzela ukwakhiwa kwamathuba omsebenzi uphinde uthuthukise ukuxhumana kwamabhisini azokhulisa umnotho.

Okunye okubalulekile ngalomcibhi ukuthi utshengisa isikompilo lakuleli, abamabhisinisi bathola ithuba lokuthengisa ngemikhiqizo yabo bayitshengise umhlaba wonke.

Lo mcimbi uzobanjwelwa e- Albert Luthuli International Convention Centre (Durban ICC), kusukela ngomhlaka-3-5 Meyi 2022. Yize izikhukhula zibe nothelela omubi esifundazweni KwaZulu Natali kuleli sonto kepha, abezokuvakasha eNingizimu Afrika (South African Tourism) abangamele lomcimbi, sebekuqinisekisile ukuba Indaba isaqhubeka njengoba kuhleliwe. Abezindaba kanye nabathengi sebengabhalisela ukuba ixhenye yalomcimbi.

Article Overview

Africa’s Travel Indaba is making a come back after two years of absence due to Covid 19. Over the years the Indaba has become part of Durban’s culture as South African Tourism connects South Africa and other southern African countries to the rest of the world. This is one of the largest tourism marketing events in the African calendar. Indaba is important to South Africa’s economy as it encourages job creation and boosts tourism business connections. Most importantly, Durbanites get to be part of this great event and experience tourism marketing at a grand scale. The event takes place at Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre from 3rd – 5th May.