UZanele Magwaza-Msibi

Sikhala siyazithulisa ngokuwa kwesihlahla esikhulu umama uZanele kaMagwaza-Msibi obedume kakhulu ngoNjinji. Ukuhamba kukaNjinji kusigqeme enkulu ingozi . Phela kuzokhumbuleka ukuthi ungumholi obehamba phambili ekubuyisweni kokuzwana kwabantu bezinhlanga ezahlukene zepolitiki. Umama uZanele ubehlonishwa ngisho abaholi bamanye amaqembu ngenxa yobuholi nobuhlakani bakhe. Ingakho ngisho ekuhambeni kwakhe kube nesicelo sokuthi afihlwe ngeqophelo eliphezulu lwesifunda sakwaZulu olubizwa nge “Provincial funeral”. Okunye okugqame kakhulu ngomama wesizwe ukuthi ubesebuholini kwezombusazwe ngesikhathi lapho bebancane kakhulu abasemame abavula amaqembu epolitiki ikakhulukazi KwaZulu. Ukuvulwa kwenhlangano yeNational Freedom Party kwaba ingqophamlando esifundeni saKwaZulu ngenxa yokuthi kwaba isenzo esethusa abaningi ephuma eqenjini iNkatha Freedom Party eziphumela inxiwa lakhe.

by: Ian Carbutt

Kanti ke ngesikhathi sobuholi buka Nxamalala wabekwa njengesekela ngqongqoshe ngaphansi komnyango wezobuchwepheshe “Deputy Minister of Science and technology”. Ubese gulile umama uZanele ngoba bese kwaba iminyaka ephethwe isifo sohlangothi “stroke”. Ubuholi bakhe bebuhlonishwa ngisho abuholi benhlangano kaKhongolose ingakho nomongameli uPresident Cyril Ramaphosa akhipha izwi lokuthi ukufihlwa kuka mama kube ngaphansi kohlu luka “special category two”. Kanti sekubekwa nethambo lakhe noNdunankulu wakwaZulu uSihle Zikalala wabangomunye owayehambele umngcwabo kaMagwazaMsibi. Kanti ke akagcinanga ngokuba ingxenye yomngcwabo uZikalala kepha waphinde wanika nomndeni wakwaMsibi iFlag lase Ningizimu Afrika lokhu okwenziwa ukuhlonishwa izingqalabutho, amava azo abe mahle kakhulu kwisifunda.

UNkosikazi Zanaele kaMagwaza Msibi, uzalelwe endaweni yasoLundi olumahlikihliki nokuyilapho futhi abekwa khona endlini yakhe yokugcina. Kuhle ke ukubona abesimame beba ukukhanya bevulela abanye abasemame indlela eyaphambili. Lokhu kutshengisa khona ukuthi nabo abasemima banawo amandla okuhola futhi baphathe abantu uma nje intshisekelo benayo.

Brief overview

For most women, opening a political organization in KwaZulu Natal remains a pipe dream. However, not for Zanele Msibi who bravely left Inkatha Freedom Party for her own organisation, the National Freedom Party. This piece gives a brief detail on the life of mama, Zanele kaMagwaza-Msibi, and her role in bringing unity and political tolerance in the province.

Leave a Comment