UTich Smith wazalwa ngo-1951 futhi wakhulela emndenini wabamhlophe ophakathi nendawo eGoli, wafunda e-St Stithian’s College nase-King Edward VII High School. Ufunde enyuvesi eMgungundlovu. USmith ubengumdlali onekhono kwezemidlalo. Udlale umbhoxo kuNatal eneminyaka engu-19 nekhilikithi kuNatal naseNingizimu Afrika. Umsebenzi wakhe wezemidlalo waphela ngo-1984 lapho ememezela ukuthatha umhlalaphansi kwikhilikithi. Ngo-1991 wahlangana futhi washada noJoan, ndawonye basungula i-LIV.
UTich Smith wayenombono wokuvusa umoya woBuntu KwaZulu-Natal. Impi kaSmith yokubona izigodi eziyinkulungwane ezakhelwe izingane ezisengozini yaqalwa ngumbono ayenawo ngo-1997. Kwathatha iminyaka engaphezu kwengu-13 ngaphambi kokuba iphupho lakhe lifezeke. Yena nonkosikazi wakhe uJoan, baba ngabazuzi esifundeni ngohlelo lokuphakela kanye nohlelo lokufundisa e-Amaoti, okuyindawo emijondolo enkulu kunazo zonke e-KZN.



ILungisisa Indlela (“the right way”), iyinkampani kaSection 21 esungulwe ukwenza lo msebenzi. Ikhokhele ukondliwa kwezingane ezinu-2 000, izinkulisa ezingu-30 futhi ikhokhele ukufundelwa kwezintandane ezingu-600. NgoJanuwari 2009, uTich Smith wadlulisela lolu hlelo kubasebenzi bendawo e-Amaoti, njengoba aqala umsebenzi wokwakha indawo yakhe yezintandane nezingane ezisengozini. Wakha iLungisisa Indlela Village (LIV), emaphethelweni e-Verulam.
“Isifiso sami ukuthi ngibe nemizi eyizinkulungwane ezonakekela zonke izingane eziyizintandane nezisengozini eNingizimu Afrika. Sikholwa ukuthi le mizi eyizinkulungwane ingashintsha umhlaba. Uma saziwa njengesifundazwe futhi siyizwe elibhekele izingane ezisengozini, ukushaya kwenhliziyo yesizwe kuzoshintsha. Umbono weNingizimu Afrika emehlweni omphakathi womhlaba nawo uzoshintshwa. ”
I-LIV igunyaza ifilosofi yokugcina ubuchwepheshe obukhona emabhizinisini ukuze kululekwe abafundi abasha abasuka endaweni. Abakwa-LIV basebenzisana nohulumeni, amabhizinisi kanye nesonto ekuhlinzekeni ukunakekelwa okuphelele kokuhlala ngezinga elikhulu ezinkulungwaneni zezingane.
UTich wasebenzela i-Sanlam kusuka ngo-1987-1992. Ngo-1992 waqala i-Tich Smith & Associates, ne-TSA Administration (Pty) Ltd ngo-1997. Indodana yakhe, uGreg, yamjoyina kuleli bhizinisi ngo-2001 futhi manje isengamele ibhizinisi. Unkosikazi wakhe, uJoan, uyaqhubeka nokusebenza ngokungakhathali eLungisisa Indlela Village.