UThokozani “Gxaba Lembadada” Nene

UDokotela Thokozani Mandlenkosi Ernest Nene, owaziwa ngelika “Gxaba Lembadada”, wazalelwa Kwa Hlabisa, oGwini oluseNyakatho yeKwaZulu-Natali ngomhlaka 19 Septhemba 1944 wafudukela e-Chesterville, eThekwini.

UDokotela Nene wafunda eShowe Government School, lapho enza khona umatikuletsheni ngo-1965. Waqhubeka wayofunda e-University of Zululand, Ongoye, lapho athola khona iziqu ze-Bachelor of Arts ngo-1967. Ngo-2001 wathola i-PhD yakhe kwi-Philosophy esikhungweni esifanayo. .

Ngo-1971, uDokotela Nene wajoyina i-South African Broadcasting Corporation njengomfundi wezindaba, ehumusha esusa esiBhunwini nasesiNgisini eyisa esiZulwini esiteshini somsakazo wangaleso sikhathi i-Radio Bantu, manje esaziwa ngokuthi Ukhozi FM. Emuva kokusebenza kwi-Pan South African Language Board ngaleso sikhathi, wasiza ukwengamela ukusetshenziswa nokuhumusha okulungile kwamagama amaningi esiZulu futhi waba umthombo ekusungulweni kwenani elikhulu lamagama esiZulu asephenduke ingxenye yomphakathi waseNingizimu Afrika namuhla .

Ubengumphathi wezindaba osemnkantshubomvu futhi ewina umklomelo we-Amaqhawe Ukhozi FM. Ngo-2004 wasebenza eNkantolo eNkulu njengetolika. UDokotela Nene wedlula emhlabeni, ngosuku lakhe lokuzalwa ngomhlaka-19 Septhemba 2008, eneminyaka engu-64. Wahlonishwa nge-Order of Ikhamanga in Bronze ngeqhaza lakhe ekucebiseni izilimi zase-Afrika kanye negalelo lakhe ekuthuthukiseni isiko lethu.

Leave a Comment