USolwaz Thandinkosi Madiba

USolwazi Thandinkosi Enos Madiba wayengu-Professor of Surgery eNelson R Mandela School of Medicine eNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) futhi eyiNhloko yoPhiko lwama-Colorectal esibhedlela Inkosi Albert Luthuli Central Hospital. Wazalelwa eMkomaas ngoNovemba ka-1949. Ungumuntu waseKolishi Lodokotela baseNingizimu Afrika kanye ne-American Society of Colon and Rectal Surgeons. UMadiba unomsebenzi ovelele kwezocwaningo futhi unentshisekelo engapheli ye-Research Ethics.

Ungumsunguli weColorectal Cancer neStoma Support Group kanjalo ne-UKZN Surgical Society. UMadiba udlale futhi uyaqhubeka nokudlala indima ebonakalayo ezinhlakeni ezisemthethweni zeNyuvesi kanye neSikole Sezokwelapha ngokufaka isandla ekwakhiweni kwemigomo namasu. Ukhuthaze uguquko eMedical School futhi wenze izinqunquthela izikhathi eziningi ezithuthukise futhi zakhuthaza umbono wadokotela abahlinzayo besifazane abamnyama. WayenguMqondisi we-GI Cancer Research Centre, e-University of KwaZulu-Natal. Uthathe umhlalaphansi e-UKZN ngo-2016.

Impumelelo yakhe ifaka nemiklomelo elandelayo:

  • Ohamba phambili we-MMed, u-Adcock Ingram 1995
  • I-Distinguished Teacher’s Award, iNyuvesi yaKwaZulu-Natali, 2008
  • I-Certificate of Excellence in Teaching, iNyuvesi yaKwaZulu-Natali, 2003
  • I-Teddy Sarkin Best Lecturer Award, iNyuvesi yaKwaZulu-Natali
  • I-International Scholarship, American Society of Colon and Rectal Surgeons, 2002
  • I-Best Seminar Price, Ethicon, 1986

Leave a Reply