UShaka Abednigo Ngcobo

UShaka, owaqanjwa ngenxa yomzimba wakhe omangalisayo okwakuthiwa ufana nokaShaka Zulu, wayengumdlali we-Kaizer Chiefs kuze kube uthatha umhlalaphansi ngoDisemba 1984. e-Cato Manor ngo-1950, uShaka waqashwa yi-Kaizer Chiefs ngemuva kokushaya amagoli ayisithupha ebabazekayo emdlalweni wobungani ngo-1972. Waqala ukudlala ibhola esemncane, futhi wathola izindondo eziningi nemiklomelo ngokuqhubeka kwakhe cishe iminyaka engu-20 yomsebenzi, kufaka phakathi i- ‘Footballer of the Year’ ngo-1979.

UShaka wadlalela i-African Bush Rangers esemncane. Ngo-1968, wadlalela ama-Rand Koreans, kwathi ngawo lowo nyaka wakhushulelwa ekubeni adlale ku-First Division. Udlale i-First Division emaqenjini amaningi, njenge-Union Jacks, Zulu Royals, ne-African Wanderers. UNgcobo wadlalela i-SA Black XI ngo-1973 emdlalweni neqembu elalibizwa nge-UK All Stars. Udlale emdlalweni wesibili bedlala nelinye iqembu le-All Stars ngo-1979, eRand Stadium.

Ngo-1972, uNgcobo wadlalela i-Kaizer Chiefs kwathi ngo-1975 wadlalela i-Denver Dynamos e-USA. Ngesikhathi ese-USA, wadlalela i-Minnesota Kicks ngo-1976. Ngo-1980 wathuthela e-South America lapho ayedlalela iqembu elibizwa nge-Penarol. Ngo-1981, wabuyela eNingizimu Afrika wabuyela eqenjini lakhe i-Kaizer Chiefs waze wathatha umhlalaphansi ngo-1985.

UShaka uphinde waqopha umlando ngegoli elisheshayo emlandweni webhola laseNingizimu Afrika, ngemuva kokuthatha imizuzwana eyishumi ukushaya igoli bedlala ne-Moroka Swallows e-Vosloorus ngo-Okthoba 1976. Ngo-2009 waqokwa njenge-‘Thekwini Living Legend ‘ngeqhaza lakhe elikhulu ekuthuthukiseni ibhola lezinyawo eThekwini.

UShaka udlule emhlabeni eneminyaka engu-64 ekhaya lakhe e-Alexander, lapho ebenza khona ibhizinisi lamatekisi. Ushiye emhlabeni unkosikazi wakhe uKhanyisile Khumalo, udadewabo uZandile, indodakazi yakhe, uBongiwe nabazukulu bakhe abathathu.

Leave a Comment