UPatty Nokwe

Umculi uPatty Nokwe wazalelwa eShowe ngomhlaka 26 Juni 1931. Wafunda e-St Michaels School lapho ayebambe khona ekhwayeni yesikole wafunda futhi e-M.L. Sultan Technikon. UPatty washada nombhali wemidlalo yeshashalazi ongasekho nomculi u-Alfred Nokwe ngo-1954. Izingane zabo ezimbili uTu noMarilyn nabo banamakhono kwezomculo.

Patty Nokwe
Patty Nokwe

Amakhono ezwi likaNokwe aqapheleka ngesikhathi ehlolisisa ikhwaya ye-SABC; wahlaba umxhwele uMadame Davi kangangoba waze wacela ukumqeqesha mahhala. UNokwe useke wadlala emidlalweni eminingi okubalwa kuyo ethi Run to the Ground; Sing the Times ne-biographical My Voice My Life. Uke wephefoma nasemazweni aphesheya.

Ngosizo lwe-Hare Krishna Society, uNokwe ufake isandla ekondleni umphakathi wakhe masonto onke. Uqhubekile nokuqhuba izifundo zokucula nokudansa eyilungu leSibongiseni Club ebhekele abantu abadala. Udlule emhlabeni ngoFebhuwari 2018.

Leave a Comment