Zonke izinkampani ezinkulu zinesisho ezihluke kwezinye ngisho ezaphesheya impela ezifana nesitolo sezimpahla uNike wona owaziwa ngo “Just do it”. Kubukeka engathi noNgizwe Mchunu ungene ngengalo nomkhono kulesisho esithi “azikhale”. Kuthiwa ungene nezicabha emahhovisi enkampani yakwa MultiChoice efuna izimpendulo zokuthi ubani obanike imvumo yokuthi basebenzise lesisho esithi azikhale. Noma kuyigama elijwayelekile ukuthi azikhale kepha uMacingwane ulenze laba igama elinedumela, laba undabamlonyeni.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuyimanje usahamba izinkantolo ngendaba yokuthi wasebenzisa lesi sisho kwinkulumo yakhe ayeyibhekise kuMnu Cyril Ramaphosa ongumongameli wakuleli. Abayaziyo bathi wangena kwaMultiChoice eyidle iphelele imvunulo yesintu efuna ukubona ubuholi balenkampani. Ufuna inkokhelo ngokusetshenziswa kwalesi isisho, “Azikhale” ngabakwa MultiChoice ngoba uthi lisemgangathweni nje ingenxa yakhe.

Ukukhala kwakhe kusho ukuthi abantu sebeyayishintsha indlela ababuka ngayo ukusetshenziswa kolimu lwesintu kanye nokuhlomula abangakuhlomula ngakho. Phela nazo izinkampani ezinkulu ziyazivikela iziqubulo zazo ngoba ziyindlela yemali. Akekho nje umuntu oke acabange ukusebenzisa iziqubulo zezinkampani ezinkulu ngaphandle kwemvumo yazo ngoba kunenhlawulo ekhokhwayo ukwenza lokho. Izinkampani ezinkulu zize ziye ezinkantolo ukuvikela izisho nezihasho zabo lokhu okubizwa ngokuthi “Patent”. Uma ke izinkampani zikwazi ukwenza lokhu naye uMacingwane unalo ilungelo loku khalelwa ukuthi ahlomule naye. Uthi ngokwakhe akanankinga ukuthi lesi siqubulo sisetshenziswe abantu nje ngoba bebevele besisebenzisa kwase kuqaleni ngaphambi kokuthi kube igama elinedumela. Kodwa uthi manje njengoba selisetshenziswa nayizikhungo ezifana noMultichoice kumele bakhokhe impela ngoba nabo bayahlomula.
Brief overview
The usage of the catchphrase “Azikhale” by Ngizwe Mchunu landed him in hot water. This came after he was arrested for using the term in his speech against the sitting president, Ramaphosa, when he criticised him for Zuma’s arrest. Ngizwe Mchunu is now fighting with MultiChoice media company over them using the catchphrase without involving him as he claims they are making money out of his arrest.