Umlando Ngokuhlukana Kwesibongo SakwaMeyiwa NoMsomi

Lapha sibheka umlando ngesibongo sakwaMsomi ukuthi bahlukana kanjani phakathi kuze kubekhona abakwa Meyiwa. Sibe nengxoxo noBaba Cabangela Meyiwa ohlala endaweni yaseNanda, kaBester. Ubaba uMeyiwa usixoxela ngokuhlukana okwenzeka eMaSomini.

Ngokwesintu umnumzane uyaba nesithembu. Esithenjini kubakhona undlunkulu kanye nondluncane. Uma kwenzeka kube khona umakoti ekhaya ekufanele aphume kuvamise ukuthi kube omncane. Kodwa kwakungavamile ukuthi kuhlukwane ngokuhlala. Umnumzane uma eganwe isithembu kuba khona inkosana okungumfana omdala ekhaya. Nomnumzane wakwaMsomi wayeganwe isithembu kukhona undlunkulu nonkosikazi omncane. Kuthiwa inkosana yendlunkulu yayithanda ukuzigqaja ngokuthi yona iyinkosana, ithanda ngisho nokudla ifa okuxaya ngalendodana ukuthi ikwenza lokhu noyise wayesaphila. Inkosana kuthiwa yayingenandaba ukuthi ubaba wayo usaphila. Inkosana yakwandlunkulu iyona ayase iphethe ikhaya ingasahloniphi zonke izinto isifuna ezayo.

Kuthi ngelinye ilanga uMsomi wamemezela ukuthi uzokwenza umsebenzi. Wamema izihlobo kanye nomakhelwane ukuthi kuziwe kulomsebenzi ozokwenziwa. Kuthe umsebenzi ungakenziwa umnumzane uMsomi wahamba wayohlebela inkosana yakwa nkosikazi omncane ukuthi uma inkomo isihlatshiwe ayokhetha luphi uhlobo lwenyama. Lafika ilanga lomsebenzi yahlatshwa inkomo. Abizwa womabili amadodana amadala waqala ngale eyakwa ndlunkulu ukuthi mayikhethe inyama. Yaya imagange yifaka yasika umlenze, bayibuza ukuthi iyona inyama ayikhethayo yini? Wavumela phezulu umfana. Kwase kubizwa indodana yankosikazi omncane nayo kwathiwa ayikhethe. Yakhetha umhlubulu (izimbambo) ithe isikhethile inyama kwakikizwa.

Ubaba wabo wababiza wawatshela ukuthi ngoba unkosana wandlunkulu ukhethe umlenze, uyakhishwa esibongweni sakwaMsomi usezoba owakwaMeyiwa. Bakhishwa kanjalo egcekeni banikwa inxiwa labo. Kwathi inkosana kankosikazi omncane yona yasala ekhaya. Inyama umhlubulu, inyama ephethe konke okusesiswini amathumbu, izimbambo nakho konke okungaphakathi. Kwahlukanwa kanjalo abakaMsomi noMeyiwa ngenxa yendodana eyayeya ubaba wayo. Ubuhlobo nabo baphela ngoba umuntu wakwaMsomi uyaganele noma uyaganwa kwaMeyiwa. Ngoba ngisho izithakazelo sezahluka azifani. Ubaba uMeyiwa uthi uma kwenzekile benza umsebenzi ekhaya uthi inyama umhlubulu bawunika izingane zamadodakazi. Abawudli nhlobo bona.

Izithakazelo Zakwa Meyiwa
Mlamula
Bheshwaba
KwaMaboza
Bafela oThukela kwabomv’ iziziba
Kasigqi senkehli
Kwaswane Kabetha
Kwamntwana ngebele, umakoti egoyile

Izithakazelo Zakwa Msomi
Msomi
Meyiwa
Mdayi bendlamu ngomzungulu wasala wabola

Ubheshwaba kwakuyigama lomuntu kodwa osewaba ukhokho manje. Lasentshenziswa igama lakhe laba isithakazelo sakwaMeyiwa. Unjalo umlando engiwuxoxelwe ngubaba uMeyiwa.

5 thoughts on “Umlando Ngokuhlukana Kwesibongo SakwaMeyiwa NoMsomi”

  1. Siyabonga ngolwazi sengiyayazi imvelaphi yami futhi ngicaciselekile ngokwanele ngibonga kakhulu❤🕊❤🕊

    Reply

Leave a Comment