Ibhekwe ngabovu iDurban July ozobe ungempelasonto yangezi, 2 Julayi 2022 njengoba ishaya ibuya, isiqubulo salonyaka sithi ‘Show Me the Money’. Yize izikhukhula bezisho ukuhamba neTheku kodwa iTheku lithi selimi ngomumo ukusingatha lendumezulu yomcimbi.

Umjaho omkhulukazi wamahhashi, ezemfashini kanye nobumnandi kubuye ngokuphelele selokhu kwaqala isifo se-Covid 19 emhlabeni. Ike yabhekana nobunzima iKwaZulu Natali kuleminyaka emibili eyedlule, kusukela kwisiphithiphithi sika Julayi 2021 kuya kulezikhukhula ezimangalisayo zango Aphreli noMeyi 2022 ezidale umonkalo omkhulu esifundazweni.
Amehlo azobe ethe njo kwi-Durban July, abaningi bezobe befuna ukuzibonela ukuthi ngabe idolobha lizokwazi yini ukusingatha lomcimbi liwubuyisele emgangathweni waphambilini. Okhulumela uMaspala weTheku uMsawakhe Mayisela uveze ukuthi iTheku likulungele ukusingatha lomcimbi omkhulukazi njengoba lenzile ngesikhathi se-Africa’s Travel Indaba ngoMeyi. Kulonyaka lomcimbi unabaxhasi abasha okuyi Hollywood Bets, balindele abantu abangaphezu kuka-35 000 abazoba ingxenye yalendumezulu.
ITheku lisabhekene nezinkinga eziningi njengokushoda kwamanzi ngenxa yezindawo ezikhahlamizekile ngemuva kwezikhukhula. Kanti namabhisi umaspala usamisile abantu ukuthi babhukude kuwona ngenxa yokuncola obunobungozi emanzini. Yize kunjalo, uMayisela ubike ukuthi ayikho indawo esondelene nomcombi weDurban July ezoba nenkinga yamanzi.
IDurban July izobe itshengiswa nge-satellite ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo Max’s Lifestyle (eMlazi), Mojos Carwash and Shisanyama (Wiggins), Maqaqa lounge (eMbumbulu), Under the Moon (Ntuzuma) ne Magaba lounge (Hammarsdale).
Article Overview
The Durban July is back in its full swing after Covid 19. All eyes will be on the Durban July to see if the city will bring the big event back to its former glory. The theme for this year is ‘Show Me the Money’, with the new sponsors, Hollywood Bets, for the event. KwaZulu-Natal province has had a difficult time from the July unrest in 2021 to the devastating floods in April and May this year, which damaged parts of the province. EThekwini Municipality revealed the city is ready to host this loved house racing, fashion and entertainment event.