UMgiliji Nhleko

Maningi amaqhawe adlale indima enkulu ebukhosini bakwaZulu. Singasho nje ukuthi onke amakhosi abuse embusweni waseNdlunkulu KwaZulu ebephahlwa amaqhawe abethenjwa endlunkulu. Uma kukhulunywa ngokubusa kukaZulu emva kokuba sihanjelwe ubaba wethu isilo samabandla onke igama lobengumkhuzi wamabutho akwaZulu uMgiliji laziwa kakhulu. 

Noma ebaziwa amagalelo akhe endlunkulu kodwa ube nedumela kakhulu ebukhosini kunazinxakanxaka kubangwa indaba yobukhosi emva koku khothama kweSilo uBhejane ophuma esiqiwini. Ukuhamba kwenyosi uMgiliji kugqeme engeqiwa ntwala ingozi lena ngoba phela ubethandwa kakhulu amabutho kaZulu. Umuntu akahlonishwa kuphela ngoba nakhu esesikhundleni esithile kodwa uhlonishwa ngisho esethuliwe umqele ekade efakwe wona. Ingakho ke nobaba uMgiliji ehlonishwa noma edlule emhlabeni engasesiye umkhuzi wamabutho akwaZulu ngenxa yezinkinga zasebukhosini. 

Ukwedlula kukaMgiliji kuqondene nokuthi kunenzinkulumo ezihlongozwa ngokuzobekwa ngoku semthethweni kwesilo uMisuzulu njengo mholi wesifunda sakwaZulu ngokusemthethweni “coronation”. Noma ziningi izinselelo ebhekene nazo indlunkulu njengamanje,kuhle ukuthi kukhona ukuphuma kwenkanyezi yokusa ikhwezi. Okhulumela umndeni kaMgiliji Nhleko uSeth Nhleko okuvezile ukuthi ezinyangeni ezedlule bebenza imizamo yokunxenxa umphakathi ekutheni ufake isandla sokuthi akwazi ukuthola usizo ezibhedlela ezinongcweti abakwazi ukwelapha isifo somdlavuza. Bekunesikhashana simphethe lesisifo somdlavuza. Udlule emhlabeni zingu 08 Novemba 2021, esibhedlela lapho ekade elashelwa khona. Abomndeni wakhe bathi basazoyidlulisa imniningwano mayelana nomgcwabo. Kulindelekile ukuthi amabutho akwaZulu akade engumkhuzi wawo abe ngaphezu kwezimpethu zendlovu uma esefihlwa.

Brief overview

This week we have woken to the saddening news of the passing of the mighty Mgiliji Nhleko, the former Zulu regiment leader. Mgiliji has been ill for months, diagnosed with cancer. His passing comes as a shock to many as people expected him to get better. He got famously known after the passing of the late King iSilo Samabandl’ onke.

Leave a Comment