Zihamba ngempela izinsizwa kusale zona izibongo, phela silahlekelwe kakhulu thina endimeni yezamaciko ngokuhamba kwensizwa uMenzi Ngubane ehambe emva kokugula isikhathi eside. Lensizwa ihambe nje ayaziwa amagalelo ayo endimeni kazikachitha isizungu njengoba phela ulingise emidlalweni emningi kamabonakude futhi eshaya into ecokeme. Noma esehambile umfokaMbomvu kepha amagalelo akhe asamile njengoba nje ehlabane ngendondo yokuba umlingisi ovelele I-2021 Best Actor in a Telenovela (Isibaya). UMenzi Ngubane ke ziningi izinhlelo akavelele kuzona lapho singabala umdlalo obizwa ngokuthi yiGenerations, kube umdlalo uKwalakhala Nyonini nalapho akenza khona into yamehlo edlala indawo kaCijimpi, kube umdlalo iYizo Yizo, Ashes to Ashes Kanye neminye eminingi.
UMenzi uzalelwe endaweni yakwaMpukunyoni Esiyembeni eMtubatuba kwabe sebethuthela eMnambithi kubo ebuncane bakhe, kanti ke uzalwe ngonyaka 4 Sebthemba 1964, wabe esedlula emhlabeni ngomhlaka 13 Mashi 2021 ngemva kokugula isikhathi eside ephethwe yisifo sezinso, kanti udlule emhlabeni ngenxa yesifo sohlangothi, phecelezi i-Stroke. Okwaba ishobolo emndenini wakubo ukuthi uhambe emhlabeni kanye nobaba wakhe uNdodeni Ngubane ngemuva nje kokubungaza iminyaka engu-90 uyise ephila, lokhu okwenza ukuthi afihlwe kanye naye ubaba wakhe ngosuku olulodwa okuyinto engajwayelekile. Kanti ke bafihlelwa khona ekhaya eMnambithi (Ladysmith).
Umfoka Somahhashi uke wahlabana namanye amaciko ngendima ayidlale kwisiqephu i-How to Steal 2 Millionm lapho ayehlabane kanye noJohn Kani, Terry Pheto kanye no Rapulana Seiphemo. Lendodo ababehlabane ngayo ibizwa ngokuthi yi-The film won Best Picture at the 2012 African Movie Academy Awards, akangagcina lapho waphinde wahlaba kuma SAFTA ehlabana ngendondo ebashaya bonke emakhanda nge –Best Actor kwiSibaya kanti uhamba emhlabeni washiya izingane zakhe ezine.