UMelvin Peters wazalwa ngomhlaka-13 Mashi 1963 e-Overport, eThekwini. UPeters ufunde e-St Anthony’s School eThekwini, wenza ibanga leshumi e-Reservoir Hills High ngo-1980. UPeters waqala izifundo zepiyano eneminyaka eyisithupha. Ngo-1981 wenza iziqu ze-Bachelor of Music eNyuvesi yaseNatali (ngaleso sikhathi). Ngo-1983 uPeters wafunda upiyano lwe-jazz ngaphansi kolawulo lukaDarius Brubeck.
Ngemuva kwalokho uqede iziqu ze-Masters of Music (1989) kwi-Jazz Performance waqokwa waba ngumfundisi we-Jazz Studies e-University of Durban-Westville (UDW) ngo-1990. Wafundisa e-UDW iminyaka eyishumi kanti ngalesi sikhathi wanikezwa umfundaze funda e-Harvard University ngo-1998/9.
Ushicilele izinkondlo nezindatshana ezikhethekile zezifundo ngezihloko ezinjenge-The Harlem Renaissance, i-Hip Hop njengethuluzi lokufundisa, i-S Slave Rebellion Depiction ku-African American Literature kanye ne-The Poetry kaCurtis Mayfield.
UPeters uke waphefoma kuleli nakwamanye amazwe e-France, e-Sweden, e-Norway, e-Belgium, e-UK, e-Australia nase-USA. Usebenze nabaculi be-jazz abaningana, okubalwa kubo uWinston Mankunku, Barney Rachabane, Tandie Klaasen, Sandile Shange noGloria Bosman. Ukugqama kokusebenza komuntu siqu kufaka phakathi ukudlala kanye nomshayi wesigingci uHerb Ellis nomshayi wesigubhu uGinger Baker kanye nomshayi wopiyano wodumo we-jazz uDave Brubeck e-Harvard University ngo-1999. UPeters wasebenzisana no-Abdullah Ibrahim ekwakheni i-Cape Town Jazz Orchestra, waphinde waqokelwa ukuba yi-Music Director .
UPeters uke wabamba njengo-Music Director ezinhlelweni eziningi okubalwa kuzo uhlelo lwethelevishini i-Don’t Forget the Lyrics, olwaqoshwa e-Nigeria ngonyaka odlule; iJimbo ekhiqiza isiteji e-Playhouse, kanye nomdlalo i-Birth of the Blues, owawukhonjiswa njengengxenye y-eDurban International Blues Festival ngoSepthemba odlule. Ubuye wafundisa waphinde wanandisa ku-National Schools Jazz Festival e-Grahamstown kanti ngasekupheleni konyaka uzonandisa e-Germany nase-Norway ngokulandelana.
Ubeyi-organist futhi engu-Choir Director e-St Pauls Church, eThekwini. Njengamanje uyi-External Examiner (Jazz) e-University of KwaZulu-Natal Durban, KwaZulu-Natal, South Africa.