Umdlalo

Umama ngilambile
U-“Ma ngilambile” umdlalo odwetshwa phansi, imvamisa uthandwa amantombazanyana asemancane. Lomdlalo udlalwa abantu abane kodwa nababili bayawudlala kodwa ubamnandi kakhulu uma niwudlala nibane kanyekanye. Kudwetshwa izikwele eziyishumi nesithupha phansi endaweni evulekile nje, abantu abazodlala bama emakhoneni alezikwele ezidwetshiwe phansi ngaphandle kwazo belungiselela ukuthi sebezoqala.

Kumele kubekhona ozobaculela khathi bedlala noma baziculele bona khona bengazorobhana, ngoba konke kuncike eculweni noma nilisho kancane noma niyacula nje kuzwakala kodwa iculo liyadingeka futhi linye iculo nilokhu niphinda amazwi akhona njalo aleliculo. Lithi lingaqalwa iculo bese begxumela ngaphakathi kwesikwele bevule imilenze, unyawo nonyawo lungene esikhaleni salo, bese kugxunywa kancane unyawo alufanele lube sesikhaleni nolunye – usuke usushile makwenzeke kanjalo.

Njalo uma uqalwa lomdlalo kugxunywa kuyiwe ngasesandleni sokudla kubuye kubuywe kuyiwe esandleni sokhohlo. Ngekhathi uya ngasesandleni sokudla, laba odlala nabo benza kanjalo kubengathi niya jahhana. Uma ubuya uyakwesokhohlo nalaba bayabuya futhi, niphindaphinda kabili niyale nibuye zonke lezikhala. Nithi nisuka nigxumele emugqeni ongaphambili nenze kabili nakhona bese nigxumela kowesithathu noma ophakathi nendawo, nakhona nisuka kanyekanye. Umuntu usuke enezikhala zemilenze yakhe yomibili, akekho ophazamisa omunye, kodwa uma uphazamisekile usushile noma usuqhumile usuyaphuma baqubeke abangashanga. Ngesikhala niphambane khona nibuye nihlehlele kwesingemuva kabili kabili, niye phambili nize nigcine senishintshene ngezikhala wonke umuntu usekwelinye ikhona – awugcini usekhoneni oqale kulo. Kuze kube basala babili noma yedwa noma bayakhathala. Kwenzeka konke lokhu nje kuneculo eliculwayo yilabo abasalindele ukudlala noma baziculele bona laba abadlalayo. Kumele ulalelisise ingoma khona ungazodideka kulezizikhala. Iculo lihamba kanjena:

Oh Ma! Ngilambile, ngilambile
Ngifun’ ukudla
Oh Ma! Ngilambile ngilambile

Lihambakanjalo kulokhu kuphindaphindwa kuze kuphele umdlalo noma kushe oshayo. Animi, nilokhu niqhubekile nokucula kuze kube bayasha bonke noma bayaphuma ngoba sebekhathele.

Udunsu dunsu
Umdlalo odlalwa abantu ababili, kudwetshwa phansi indilinga bese kudwetshwa isiphambano phakathi nendawo lalendilinga. Abazodlala bama ngaphandle kwendilinga bese besondela. Labo abazoqala ukudlala balindele ngaphandle kwendilinga, kuqalwe iculo bese begxumela endilingeni. Basuke begxumela phakathi kanyekanye babhekane babuye bafulathelane ngokulalela iculo. Laba abadlalayo kumele balalele iculo benze ngoba lisho khona, engeke ashe noma aqhume. Bayabhekana bafulathelane kubuye kube sengathi bayajahhana khona la kulendilinga, babuye bame ngokulandela iculo. Iculo lihamba kanjena:

Dunsu dunsu fulathela masibhekane balekela umcojwana

Kulokhu kuphindwa lamazwi kuze kube kukhona oshayo, umengekho oshayo lo oculayo uyalisheshisa iculo efuna kuze kubekhona oshayo. Nani enidlalayo kumele nilalelisise khona nizokwenza lokhu okushiwo yiculo ningasheshi nishe.

Leave a Comment