Ukwethulwa kwe eThekwini Strategic Hub

Umkhandlu wedolobha weTheku wethula uhlelo olubizwa ngokuthi yi-eThekwini Strategic Hub okuzoba ikhaya lomthombo wolwazi lwesayensi. Lizophinde lusifake endleleni ekuthatheni izinqumo ezinqala kanti futhi bananye abayingxenye yaloluhlelo bazoba nalo izwi ekusebenzeni kwalo, ekuthatheni izinqumo ezijulile ezithinta izinto eziningi ezahlukahlukene ezizothuthukisa izimpilo zabantu.

IStrategic Hub kulemInyaka eyedlule ibiqoqa ulwazi ngokwenza ucwaningo oluhlukene, lolucwaningo lwabe selucubungulwa lwaphinde lwenzelwa ukuthi kube lula ukuthi umphakathi ukwazi ukuluthola. Lolu ulwazi luhlanganisa izinhlaka eziningi ezahlukene okubalwa kuzo ulwazi ngosomabhizinisi, abantu abanolwazi ngemikhakha ethile kanye nokunye.

IStrategic Hub izosiza kakhulu ngolwazi olufana ne “Livality index” lokhu okusho ukuthi ungangena ekhasini leStrategic Hub ubhale igama lendawo ohlala kuyo bese uthola ulwazi ngayo yonke imniningwane yalendawo oyibhekayo. Ikutshela ngempucuzeko yendawo, ukuphepha, inhlalakahle yakhona, izakhiwo zayo, izindawo ezingomakhelwane, amathuba emisebenzi kanye namabhizinisi atholakala kuleyo ndawo ofuna ulwazi ngayo. Lokhu kuzophinde kunike izakhamuzi nethuba lokuba ingxenye yokushintsha izindawo ezihlala kuzo uma kukhona abangeneme ngakho njengoba zinikezwe igunya lokuba zethule izimvo zabo ezingasiza emphakathini yazo.

IStrategic Hub sibuye sethule nocwaningo mayelana namathuba amabhizinisi ”Specialized economic analysis”, umsebenzi kanye nezinye izinto ezithintana nokuzisebenza kwabantu nezinto abantu abangenza amabhizinisi ngazo kanye nohlobo lwabahwebi nabathengi abakhona kuleyo ndawo. Lokhu kuphinde kuthinte kakhulu nabafisa ukutshala izimali njengoba i-Specialized economic analysis iveza okwenzeka endaweni okufakazelwa ulwazi olutholwe kucutshungulwa indawo ngokwenziwa kocwaningo olujulile lwendawo. Okunye okubaluleke kakhulu ngeStrategic Hub ukuthi sizobuye sisize nawo umkhandlu weTheku ukuthi ukwazi ukuthathela izikhalo zabantu phezulu. Empeleni le indlela yokuthi nomkhandlu ukwazi ukuthi uzisondeze kubantu futhi nabantu bekwazi ukuthi uma kukhona lapho abangaboni khona kahle bakwazi ukubeka uvo lwabo.

Kubukeka iqukethe konke iStrat Hub njengoba bephinde bebe nekhasi elibizwa ngokuthi yi-Ethekwini “State of Safety dashboard” inalo lonke ulwazi mayelana nezokuphepha kwezindawo ezingaphansi komkhandlu. Uma ungena kulelikhasi ukwazi ukuthola ulwazi mayenala nezinga lobugebengu kulendawo osesha ngayo kanye neizinhlobo zobugebengu okuleyondawo. Lokhu ke kusiza nokuthi kube nezinhlelo ezizolwisana nabo ubugebengu kuleyondawo. Ngisho nolwazi oluthinta izingozi zomgwaqo lukhona ngaphansi kwekhasi le” Road crashes board” olunemniningwano ngezinhlobo zezingozi ezenzakayo, ukuthi zivame ukwenzeka kuphi kakhulu nokunye. IStrat Hub lunayo yonke imniningwane edingwa abantu lokhu kuzosiza ngisho nezivakashi zakwamanye amazwe nezinye izifunda uma ziza edolobheni lase Thekwini.

Ulwazi olutholakala kwiStrategic Hub luthathwa kucwaningo olwenziwe ngezindlela ezahlukene. Lapha kubalwa ulwazi elitholakala ezikhungweni nasemagatsheni kahulumeni ngoba yonke iminyango kahulumeni inalo ulwazi olwenziwe lwaqondana nayo. Lolu ulwazi lutholakale ngokuthi kucelwe imnyango nezinhlaka zikahulumeni ngaphansi kweTheku ukuthi zithumele ucwaningo abanalo ukuze lufakwe kwiStrategic Hub. Lapha kubalwa ngisho ulwazi mayelana nemvelo yethu nokuthi ime kanjani ngengomoya esiwuphefumulayo nokunye okuthintekayo.

Baphinde besebenzisane nezikhungo ezenza ucwaningo emphakathini okubalwa iSABS, Census, Statistics South Africa kanye nezinye izikhungo abasebenzisane nazo ukuthola wonke umqulu wolwazi otholakala kwiStrategic Hub. Uma ufuna ukungena ekhasini leStrategic Hub cofa https://strathub.durban.gov.za