Ukuziqopha: Tattoo

Inkulu indaba ngomdwebo wesimanje othandwa kakhulu yintsha emnyama yase Ningizimu Afrika ebizwa ngokuthi ama “Tattoo”. Izinto ziyashintsha ngokuhamba kweminyaka, lana kungaba ukushintsha kwesiko, ukushintsha kwemfashini yokugqoka nokwenza mase kuba ukushintsha kwendlela okuphilwa ngayo nje. Kulena yokuziqopha nokuzidweba kwesimanje amatattoo abantu banemibona eyehlukene ngayo futhi nokho ke yinto ejwayelekile ukuthi abantu bahlukane ngembono ezintweni ngoba phela asiyi ngandawonye singemanzi. Ukuziqopha lokhu kwama tattoo kubantu abamnyama yinto ebidume kakhulu ezweni laseMelika kodwa ngenxa yokuhamba kwezinto kanye nokubukela izinto kwabanye abantu kugcine sekuyinto ejwayelekile nalapha eNingizimu Afrika. Nabomdabu waseNdiya nabo bayaziqopha okuyinto emayelana nesiko labo, kodwa ke umehluko kuba ukuthi bona kusuke kuwu mdwebo wesikhashana futhi ogcina usukile emzimbeni kanti itattoo umuntu ungena nayo engcwabeni.

This image has an empty alt attribute; its file name is IMG-3528.jpg
Tattoos and Art

Uma kukhulunywa ngama tattoo abadala banikina amakhanda ubone impela ukuthi abayinambithisisi kahle lento yokuziqopha ngoba abanye bakholwa ukuthi iphambene nesiko. Laba abakhonzayo ke bona babona iphambene nemthetho kaNkulunkulu. Kodwa uma ukhuluma nentsha iningi layo likubona kuyinto engahlangene nalutho nokululaza amasiko esintu kanye nemigomo yase masontweni, bakubona kuyindlela nje yokuziveza ukuthi njengomuntu uthandani nokuthi ujabuliswa yini. Ezintweni ezifana nengqephu kanye nezinto ezidliselayo ebantwini, kunzima ukujwayela kwabanye ukuthi abantu sebethandani. Izinto zihambelana nesikhathi esithize ezigqama ngaso zingene ezinhliziyweni zabantu. Kwabanye nje ikakhulukazi intsha, ukuziqopha kufana nokuthanda uhlobo oluthile lwezimpahla kanye nakho ukuthanda uhlobo thizeni lokuzi cwecwa ekhanda. Enye into eyenza abantu bakuxwaye ukuziqopha ukuthi phambilini abantu abakade bake baboshwa abebephuma nemidwebo ejele kepha manje sekuyinto ekhokhelwa amaciko akwazi ukuyenza ukuthi ayenze akusesibona abake bagwetshwa kuphela abaziqophayo.

Brief overview

Tattoos and tattooing have become a popular thing in South Africa and around the globe. The views on tattooing from the public differ – some are against it while others support the artistic nature of them. Whatever beliefs people have about tattoos, is is clear that the number of people who have them, especially the youth, continue to grow. This article debates about tattoos and reasons in support or against them.

Leave a Comment