Ukutshalwa kweSilo

Noma izinto zesintu eziningi ezibandakanya amasiko akwaZulu zihleze zenzelwa emehlweni abantu , njengayo imigubho kanye nemibungazo akusikhona konke okuvezelwa abantu, okunye kuba izinto eziyimfihlo yasekhaya ngokwehlukana kwemizi. Ingakho ke nje kunendida mayelana nokukhothama kwamakhosi akwaZulu kanye nemininingwano ngokufihla kwawo ngoba phela khona akufani nokufihla umuntukazana, ongesiyena owasebukhosini. Nasemlandweni siyathola ukuthi namanje kalaziwa ithuna leNdlovukazi yaMageba uNandi, akekho noyedwa olaziyo ukuthi likuphi ngoba okwaziwayo ukuthi liphakathi kwakaNongoma nasoNdini abanye bathi liphakathi kwaseThekwini nakhona kwaNongoma ngoba wadlula emhlabeni behamba naye bethi uyolashwa esegula akangabe esafika lapho ayezolashelwa khona.

Indaba eyindida kakhulu ngobukhosini bakwaZulu nokufihla kweSilo Samabandla onke uBhejane ‘phume esiqiwini ukuthi amalungiselelo okutshalwa ayafihlwa , kuba eyomndeni wasebukhosini kuphela. Uma inkosi isikhotheme njengaso iSilo sikaZulu, abatshelwa nhlobo abantu bangaphandle kugcinwa emndenini kuphela. Ngisho sesitshalwa, sibekwa endlini yaso yokugcina abantu abatshelwa, kuze kuba nasekubekweni kwebambela kanye nenkosi entsha esuke izobekwa nakhona izinto zasendlunkulu kuphela lezo ezibhungwa ngaphakathi zize zikhishwe uma sekuphothulwe konke. Esingakubeka ngembaba nje ukuthi akekho owazi ukuthi iSilo sikhothame nini satshalwa nini ngaphandle kwabase ‘bukhosini kanye nomndeni kaNdunankulu weSifundazwe uMntwana, wakwaPhindangene. Ingakho ngisho isicelo sikaHulumeni sokuthi iSilo sibekwe endaweni yamaqhawe akwaZulu sibhuntshile ingoba ukutshalwa kweSilo kuyifimfihlo yese ndlunkulu.

Noma ukutshalwa kwaso iSilo kungavezelwanga izwe lonke kodwa ke okuhle ukuthi abantu bavumelekile ukuthi bazivalelisele kuNgangezwelakhe ngoba phela ibe khona inkonzo yakhe yesikhumbuzo eyayigcwele iphuphuma amabutho kaZulu ephume ngobaningi bawo. Ngisho naye uMongameli wezwe uMnumnzane Cyril Ramaphosa wayeyisi khulumi kuso isikhumbuzo seSilo. UZulu wayephume ngobuningi, evunule ezovalelisa kuBayede. Kwaphuma amabhasi izinkalo, ngezinkalo ethwele imshungo yezinsizwa zikaZulu ziyovalelisa kubaba wesizwe. Noma ke imningi imbono ngokuphatha kweSilo kanye namandla amakhosi ngoba phela wonke umuntu unombono wakhe kodwa kubalulekile ukuthi amakhosi ahlonishwe futhi anikwe nezinga lawo.

1 thought on “Ukutshalwa kweSilo”

Leave a Comment