Ukuma Komuzi

Sike sathi ukusika kwelijikayo ngokwakhiwa komuzi wesintu, ukumiswa kwezindlu kanye nokwakhiwa kwesibaya semfuyo phakathi komuzi kanye nokubiywa kwawo umkhaya loyo belu. Lana ke senaba ngendaba yokuma komuzi, noma sithi nje indaba yokuthi izindlu ezakhiwe zima kanjani ebaleni.

Umuzi ke wesintu uma kanje: uma ungena ngaphambili esangweni, ubhekana nezimpundu zesango nothango lomuzi, ngaphambidlana kwalapho kulandela isibaya semfuyo, okuba nendlu engenhla ebhekene naso isibaya leso. Leyondlu indlunkulu, iba phakathi nomuzi. Kusuka endlunkulu, umuzi uphuma izimpondo ezimbili, ube yisigudu uyohlangana ngase sangweni, okufana namaphiko enyoni.

Kuhle sikuveze ukuzi zonke izindlu kulelikhaya zibhekana nesibaya iminyango yazo, okuthi ngemuva kwazo lezindlu kuba izibuya zokweneka imithombo, zona ziphiciwe zaba sazibayana zisindwe phansi kube imiqengeqe. Okuthi ngemuva kwakhiwe izinqolobane zokugcina ukudla okuvunwe emasimini kanye nembewu yokutshala kanti ke amafuhlululu wona akhelwa izingoma okuyila okuphinde kugcinwe khona izinkezo, ikhwani noma incema yokuluka amacanci kanye nezinqengele. Ngemumva kwenqolobane ukhangwa izindlondlo zobamba noma izindlame okukhwezwe kuzo amabele okuyigugu elikhulu ukudla kwaba mnumzane.

Ake ngiphenye ibheshu ngingene ngaphansi ngenabe ngale yokuma kwezidle ekhaya. Ngakwesokudla kusuka endlunkulu, isigaba sezindlu zenkosikazi enkulu (eyathathwa kuqala), ngezansana kwalezo kuba izandla zeqadi (umakoti wokuqala owangeniswa kwaNkosikazi), ngezansana kwalezo ngezabanye abakoti baseqadini. Kuthi ke ngakwesobunxele sendlu engenhla, isigaba sezindlu zasekhohlo. Ngezansana kwazo ngezomakoti abangeniswe ekhohlo abangokasibalwa, abaziwa ngokuthi amabibi. Ekugcineni ke nxazombili kuba amalawu abafana nezinsizwa zalapha ekhaya.

Brief Overview

Hierarchy exists in many cultures and in the Zulu traditional setting it also exists, even in the monarchy or homestead buildup, how houses are built has to follow a certain order. This article reveals the setups of rooms or houses in the homestead and the direction they face according to each person’s respective status in the family, like the first wife in the polygamous family.

1 thought on “Ukuma Komuzi”

Leave a Comment