Ukugujwa Kwehlahla LikaKhisimusi

Igama elithi ihlahla lathathelwa esihlahlani sikaKhisimusi. Ihlahla lalenziwa noma lisenziwa kwezinye izindawo ngo mhlaka 25 kuZibandlela ukubungaza usuku lolo. Ezindaweni zasemakhaya iningi labantu ikakhulukazi abesilisa babesebenzela ezindaweni ezikude nasemakhaya okwenza ukuthi isikhathi esiningi babengekho. Kwakusetshenziswa lolusuku ukuthi umphakathi uhlangane ujabulile. Lapha obaba nezinsizwa basuke bebuyile emakhaya emadolobheni. Lendaba siyibaliselwe nguMama Makhosazane Mdabe nomzukulu wakhe uMbali abahlala endaweni yaseNanda eCongo ngabakwaziyo ngalolusuku.

Umama uMdabe nomzukulu wakhe bazalelwa endaweni yaseMbumbulu, esigodini saseNgonyameni. Kulendaba sizobheka ukwenziwa kwalombungazo noma umcimbi kaKhisimusi ngokwasendaweni yaseMbumbulu. Lolusuku lwalumenyezelwa kuzozonke izindawo ekuhlangela khona abantu abaningi njengasemasontweni. Unyaka nonyaka zazishintsha izindawo ekwenziwa kuzona lomcimbi. Uma sekumenyezeliwe izigodi zonke zaziqala ukuzilungiselela ngezizokwenza kulowomcimbi. Kuningi okwakwenziwa njengokusina, ukuqhudelana ngemvunulo, ukuculo kanye nokunye. Kwakubekwa umklomelo eqenjini elizophumelela noma elizodla umhlanganiso. Lomcimbi wawuvuleleke kubo bonke abantu bendawo wawungakhethe bala lamuntu.

Ngosuku lomcimbi
Kwakubonakala emathafeni nasemihosheni imibala ekhangayo abantu bevunulile abanye beswenkile ngamasudi kanokusho nezingubo ezintsha. Izambulela zazingasali ukuqedela phela ukuhloba lokho. Izinsizwa zazihlaba ngazo phansi izambulela ziziqhenye zifake nezigqoko ezinophaphe kuvaleke ihlo langanxanye. Lapha wawukwazi ukubona lezo eziphuma kosebenza edolobheni ngohlobo lwezingubo abazigqokile. Abesifazane bona izambulela babezivula benzela ukungashiswa yilanga phela. Esikhathini sakudala lomcimbi wawuthatha cishe isikhathi esingangesonto ukuthi uphothulwe ngenxa yobuningi babantu. Ngoba kwakuhlanganisa ngisho imiqhudelwano yezingane ezisencane njalonjalo. Kwakudliwa kufinywa ngendololwane ngalolusuku. Ihholo okwenzelwa kulo nalo lisuke lihlotshisiwe kukhona nalo ihlahla likaKhisimusi ligcwele izipho. Uma sekumenyezelwa izipho yilapho abanye babethola khona ukuthi sebenezesheli ngoba izinsizwa zazilisebenzisa kakhulu lelithuba ukupha labo esezibakhethile.

Izingane zaziphiwa oswidi ababuya nobaba nabafowabo bebuya nawo eGoli noma eThekwini. Izinsizwa ziphathele abathandiweyo bazo ozulumotho. Nazo izintombi kwakuyisikhathi sokuzigqaja kontanga ngokuthi ziphe izinsizwa izipho ezifana namaduku ababezithungela wona. Lesikhathi sonyaka kwakuyisikhathi sentokozo kubantu bendawo yaseMbumbulu. Nasesikhathini sanamuhla abantu lolusuku bazijabulisa ngalo baphinde balusebenzisele ukuvakashela ezinye izihlobo zabo ezikude. Kanti kwezinye izindawo zasemakhaya uma kungusuku lukaKhisimusi izinsizwa ziqhudelana ngokungcweka ikakhulukazi labo abasebenza edolobheni nabasele emakhaya ukubheka ukuthi kungabe basakwazi yini ukulwa noma sebethathwe yidolobha. Kanti ezindaweni zasemalokishini uma kunguKhisimusi abantu bazihlalela nemindeni yabo noma bavakashele omakhelwane babo. Isikhathi sikaKhisimusi uMama maMdabe usichaze njengesikhathi sokujabula kuwona wonke umuntu yize noma kungasenziwa njengakuqala.

English Summary
Christmas is a time for families and friends to get together. This article looks at what is done at Umbumbulu when people of the area get together to compete by singing, dancing and performing stage drama. Prizes were given to the best performers.

By: Nqobile Mdabe

Leave a Comment