Njengoba sazi ukuthi sisebumnyameni ngokushiywa yiqhawe inkosi yomaskandi uMjikijelwa Ngubane, izinhlelo zokutshalwa kwakhe ziqalile, kanti ke nomlindelo nawo isiphumile imininingwane mayelana nawo. UMjikijelwa Sibongiseni Robert Ngubane uzofihlwa kwaMaphumulo kwaJikijiki ngesabatha mhla zingu 2 June 2018 ekhaya kubo, la akayobekwa khona endlini yakhe yokugcina. Imininingwane ngomlindelo walensizwa ime kanje: ngezi 31 May 2018 imlindelo izobanjelwa ezindaweni ezintathu ezahlukene. Kukhona ozoba seGoli, kube khona oseThekwini kwelikabhanana kanye nase Njengabantu, okuzobe sekulandela ukufihlwa kwakhe ngeSabatha. Abadinga imininingwane bexhumane no Thembi Ngubane kule namba ethi 079 999 2206. Kulindeleke izinkumbi zabantu kulemilindelo yalensizwa njengoba ibiyisilomo nje kubantu idlela ogageleni.
Brief Overview
This article informs us about the vigil and funeral arrangements of our fallen maskandi king, namely Mjikijelwa Chalaha Ngubane whose sudden passing left us heavy-hearted. He will be buried at his homestead at KwaMaphumulo on the 2nd of June 2018 and the vigil will be hosted in three different venues, firstly one in Durban, another one in Johannesburg and lastly the one in Njengabantu.

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).