Isisho esithi ‘umuntu ngumuntu ngabantu’ isisho esidumile futhi isisho esithandwa kakhulu abantu abamnyama, ikakhulukazi thina bantu besizwe sakwaZulu.
Lesi sisho ngiyasithanda ngoba sibhangqa wonke umuntu, asisho ukuthi isigwili, isahlupheki, ingane, omnyama, omhlophe, owesilisa noma owesifazane ngumuntu ngabantu kodwa sithi umuntu ngumuntu ngabantu. Lesi sisho ke sizala ingqikithi yokubaluleka kokuzithoba. Ukuzithoba ke akuyona into ejulukisa umhlane kodwa into ethatha ukutshela ingqondo ukuthi phela umuntu ngumuntu ngabantu, uma usumila impakamo, uvukelwa amathumbu emakhwapheni ubani oyokusiza ezikhathini zezivunguvungu?
Uma ngingenza isibonelo ngabantu abakhombise ukuzithoba benethuba lokwenza ngaphandle kwakho uNelson Mandela nosaziwayo waseMelika u-Oprah Winfrey. UNelson Mandela ubehlezi ekugqamisa ukubaluleka kokuzithoba. Impela umvuzo wokwenza kwakhe kumnike ukuthandwa wumhlaba wonke nomngcwabo wakhe waba indumezulu. U-Oprah yena owomunye wabambalwa engeke uzwe lutho olubi ngabo emaphepheni noma izindabeni. Noma ngabe ikephi lapho afika khona othola ukujabulelwa okukhulu.
Baningi-ke abagcwele impakamo kanti laba bantu bathole imivuzo yakho loko. Kwazise baningi empilweni abalahlwe impakamo. Phela isalakutshelwa sibona ngomopho.
________________________________________________________________________
This article, written IsiZulu, talks about the importance of humility and respect. It positions humility as a tool of leading a much more, peaceful and prosperous life.