UKim Matthews

Ukufaka umfutho nokusa phambili umculo, uKim Matthews wafunda ipiyano esemncane futhi wenza izivivinyo e-Trinity College e-London. Ufundele ukuklama ubucwebe e-Durban Technikon wasebenza njengomkhandi wegolide iminyaka engu-25. Ungumphathi omkhulu (CEO) wenhlangano engenzi nzuzo, i-The Paw-Paw Foundation,lapho eqongelele khona imali yemifundaze yomculo yezintandane nezingane ezisengcupheni ezivela ezindaweni zasemakhaya eziseduze neTheku futhi ezibambe iqhaza ezinhlelweni ezahlukahlukene zokuletha umculo ezikoleni. Umsebenzi wakhe wokukhombisa inguquko kwezobuciko uyohlale ungumthelela omuhle emphakathini.

Ngo-2004 wajoyina ikomidi iKwaZulu-Natal Youth Wind Band futhi wenziwa uSihlalo ngo-2005. Ngesikhathi ebhekene nesinqumo sokumiswa kohambo oluya e-UK ukuvakashela i-Leeds, omunye wama-Sister Cities aseThekwini kusasele amasonto amathathu nje kuphela ngaphambi kohambo. , UMatthews uqokelele u-R600 000 owawudingeka futhi wathola leli qembu indawo komunye wemikhosi emikhulu yomculo i-Wales. Baphinde bacula nase-Cambridge emcimbini odumile womculo wentsha. U-Conductor ne-CEO yeqembu eDurban Music School, uWerner Dannewitz, wahlabeka umxhwele waze wacela uMatthews ukuthi asebenze ukuqokelela imali esikoleni.

Kim Matthews
uKim Matthews

UMatthews wakhe iqembu leKwaZulu-Natal Youth Wind Band laba ngelinye lamaqembu aqeqeshwe kahle eNingizimu Afrika. Uhlelo lweqembu i-Development Programme lukhuthaza abaculi abancane abamnyama ukuthi benze inhlolokhono, luhlanganisa izindleko zemali yobulungu, umfaniswano, ezokuthutha futhi lubanikeza umfundaze ophelele womculo wokufunda e-Durban Music School ukuze bathole ukuqeqeshwa abakudingayo. UMatthews uqinisekise ukuthi izingane ezingu-400 kwezingu-450 zalesi sikole zithola imifundaze ephelele futhi uguqule iKwaZulu-Natal Youth Wind Band ukukhombisa ukwehlukahlukana kwabantu bakithi baseNingizimu Afrika.

I-Durban Music School

Itholakala emaphethelweni enkaba yedolobha laseThekwini kukhona i-21 Diakonia Avenue, ikhaya le-Durban Music School (DMS).Isikhungo esifundisa izingane umculo we-classic, kodwa lokho bekungumbono lapho umqondisi wesikole, uMnumzane Dannewitz, ekhetha lesi sikole eminyakeni engu-15 eyedlule. Injongo bekuwukuletha umculo ezinganeni ebezingasoze zahlangabezana nakho. Umbono uKim Matthews, akhe kuwo. Isikole sinabafundi abacishe babe ngu-500. Ikharikhulamu ihlanganisa izifundo zamasonto onke zepiyano, ikhibhodi, isiginci kanye nezinsimbi zomculo, futhi abafundi kudingeka benze izivivinyo zomculo ezigunyaziwe unyaka ngamunye,bengazenza e-Royal Schools noma i-Trinity College. I-DMS ibuye ibe nezinhlelo eziningi zokufinyelela emphakathini, isebenza ne-Open Air School, amakhaya ezingane e-Hammersdale nase-Newlands East, kanye nesikole samabanga aphansi KwaMashu.

Abafundi ngamunye banikezwa izinsimbi zomculo, isitendi somculo, umfaniswano nezicathulo okubili. Isikole siphinde sibanikeze ukudla noma nini lapho banezifundo zabo futhi sibanikeze isonto lonke le-pap kanye nesoya mince beye nayo emakhaya.

IDurban Music School isebenza njengenhlangano engenzi nzuzo, futhi ihlale idinga usizo ukuze ikwazi ukubhekana nezidingo zokuguqula izimpilo zalabo abaswele kakhulu. Cofa lapha ukuze ufunde kabanzi ngomsebenzi omangalisayo UKim nethimba abawenza e-Durban Music School. Muhlawumbe kunokuthile wena noma omunye omaziyo ongakwenza ukubasiza ohambweni lwabo olumangalisayo.

UKimi ungu-Financial Planner & Healthcare Specialist. Wajoyina i-Core Wealth njenge- Associate Financial Advisor ngoEphreli ka-2016. Ngemuva kokusiza ezintweni eziningi ezithinta ukufa, ukhubazeka nezesabekayo, uKim uyayiqonda indima ebalulekile edlalwa yimali nokuhlelwa kwefa futhi unethemba lokusebenzisa lolu lwazi ukuzuzisa amakhasimende.