UJonty Rhodes

U-Jonathan Neil “Jonty” Rhodes wazalwa ngomhlaka 27 Julayi 1969 eMgungundlovu owayengumdlali wekhilikithi waseNingizimu Afrika nowe-One Day International owayedlalela iqembu lekhilikithi laseNingizimu Afrika phakathi kuka-1992 no-2003.

Jonty shot to fame in the 1992 World Cup when he dived into the stumps ball in hand, to run out the Pakistani batsman Inzimam Ul-Haq.

UJonty wazakhela udumo eNdebeni yoMhlaba ngo-1992 ngesikhathi embekene nomgadli wase-Pakistan u-Inzimam Ul-Haq.

Impilo ka-Jonty yashintsha ngokungazelelwe. Kwakuyinhlolokhono ngemuva kwengxoxo, ukusethwa kwezindiza kusuka ezweni elilodwa kuya kwelilandelayo nomphathi wekhilikithi u-Ali Bacher. “Ngokuphazima kweso ngazithola senginikeza izinkulumo, ngiya ezingqungqutheleni, impilo yami yashintsha ngobusuku obubodwa“, kusho u-Jonty

U-Jonty Rhodes useke wabona izindebe zomhlaba ezine zekhilikithi, into abengakaze ayicabange ukuthi ingenzeka. Empeleni ubengalindele ukuthi azodlala umdlalo owodwa ngenxa yokusatshiswa ngokuxoshwa kweNingizimu Afrika kwi-World Cricket ngenxa yesimo sezepolitiki kuleli.

NgeNdebe Yomhlaba Yekhilikithi ka-2003, ukulimala isandla kwaqeda umsebenzi ka-Jonty. Uthathe umhlalaphansi kukhilikithi yomhlaba ngokuqopha ama-run angu-2 532 ezivivinyweni ezingama-52 no-5 935 kwabangu-245 wosuku olulodwa.

Yize ukuthatha kwakhe umhlalaphansi bekungeyona ingxenye yombhalo abezicabangela wona, u-Jonty ubona ukugijima kwakhe kwikhilikithi njengesibusiso ngoba ngesikhathi eshiya isikole ngo-1988 lalincane ithemba lokuthi uzodlala. Ngemuva kokuthatha umhlalaphansi, usebenze ezinhlobonhlobo njengomqeqeshi we-Mumbai Indians kanye namaqembu esizwe aseNingizimu Afrika nawase-Kenya.

Leave a Comment