Kwesukasusela! Cosi!
Isikhukhukazi saboleka inaliti yokuthunga kuheshe ngoba sifuna ukuthungela amachwane aso izingubo. Nangempela uheshe lasiboleka. Usikhukhukazi wayisebenzisa inaliti kodwa wangayibeka kahle, wangabe esazi ukuthi uyibekephi. Wafika uheshe esezoyifuna. “O..hhe..”, sesikhohliwe isikhukhukazi ukuthi siyibekephi sathi, “Hamba uyekhaya makhelwane, ngizoyibheka ngikulethele.”
Wahamba, waphinda wabuya ngelinye ilanga, lutho akayitholi inaliti yakhe kusikhukhukazi. Wadinwa uheshe wathi, “Wena usungenza isilima, ngiyayidinga.” Wazama bandla ukuzixolisela usikhukhukazi kodwa lutho. Wathi uheshe, “Kulungile, njalo ngosuku ngizodla umtwana wakho.” Waphuma wahamba uheshe ediniwe, “Lo akangazi kahle ngizomkhombisa.” Njalo usikhukhukazi uhlale eqhwanda ensimini ngoba efuna inaliti kaheshe, noheshe udla amachwane ngoba ekhokha isikweletu sakhe kusikhukhukazi.