Abantu bahlale bekhalaza ngezinhlaka zikahulumeni ezingawenzi umsebenzi wazo okumele bewenzele izakhamuzi. Lokhu ke akumangazi ngoba phela umsebenzi wakhe uhulumeni ukuhlangabeza abantu ngezidingonqangi zabo futhi nguye osuke ebathembise lokho uma kukhankaselwa ukuvota. Ziningi izikhalo abantu abahlale benazo bekhala ngokugqoza kwezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi okubi ke ukuthi isikhathi esiningi ukukhala kwabo kuwela edwaleni njengoba bengathathelwa phezulu uma bekhala. Kuze kusebenze khona ukutoyiza njengoba kuhlale kwenzeka eMayville nakwamanye amalokishi aseThekwini. Okunye okuthanda ukuba inkinga ukuthi uhulumeni ukhetha iphela emasini uma enaka izimfuno zabantu, ezindaweni ezihlala abantu abacebile ezifana nakoGlenwood kukancane ukuthi izidingo zabantu abahlala khona zinganakwa.
Ingakho ke nje kukhona amaciko angasabi ukuveza imbono yawo ngendlela uhulumeni aphatha ngayo abantu, lapha sikhuluma ngoGadla Nxumalo oyiciko likaMaskandi. UGadla kunengoma yakhe ethi Google la ahlaba khona uhulumeni ngokungazishayi ndiva izimfuno zabantu. Lengoma yakhe ikuveza ngokusobala ukuthi abaholi bethu badlala kanjani ngabantu ngokubadayisela ingulube isesakeni. Kanti futhi ikuveza kahle ukuthi kahle kahle abaholi babathanda ngoba kuvotwa kuphela abantu kepha masekumele kwenziwe izimfuno bahambela kude njengelanga lasebusika. Kuzokhumbuleka phela ukuthi lonyaka unyaka wokhetho lokuchibiyela nakhona abantu bazodayiselwa yona ingulube isesakeni bathenjiswe izulu nomhlaba abantu bagcine befumbethe ilutho banganakwa ngemuva kokhetho. Izinhlamvu zale ngoma ke zime kanje uma zihumushwa.
“Uma bezocel’ ivoti osopolitiki bakhulumi isiZulu bakhulumi IsiXhosa
Uma bezocel’ ivoti osopolitiki bakhulumi isiShangane bakhulumi isiSotho izilimu bayazazi”
Uma sebesephalamende bakhulumi isikwitikwiti bakhulum’ isiNgisi bakhulumi isilungu bafuna kuzwe Abelungu ukuthi bathini, asibezwa thina
Ivoti lami lilula, noma ngabe ngiphuzile lingilanda ngemoto ekhaya ikhansela
Ivoti lami lilula nje noma ngabe angiboni emehlweni bangibuza ngivotela bani
Ivoti lami lilula nje noma ngabe ngisekhaya lingilanda ngemoto ekhaya ikhansela
Kodwa uma sengifuna umsebenzi sebengibuza ama grade manje
Hulumeni udlala ngabantu uhulumeni udlala ngabantu usesibuza ama grades
Uhulumeni udlala ngabantu usefuna izifundiswa
Kushuthi lohulumeni owabaMhlophe, uma usufun’ umsebenzi usebuza ukuthi wagcina ka
Grade bani?
Thina esingafundile ngeke siphumelele, thina esingafundile ngeke sifike ndawo
Uhulumeni udlala ngabantu, uma ufuni umsebenzi uthi Google
Uhulumeni udlala ngabantu, uma ufuni umsebenzi uthi iMailer
Kushuthi lohulumeni owezifundiswa”
Lezi ngezinye zezinhlamvu ezitholakala kwingoma kaGadla Nxumalo ekhala ngokuthi uhulumeni ukhetha iphela emasini uma sekumele abantu benikwe izidingo kusuke kungasafani nangalesikhathi kusanxenxwa abantu ukuthi beyovota.

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).