UDonkey

Lona umdlalo odlalwa yigenge esencane mhlawumbe phakathi kweminyaka eyisishiyagalombili kuya kweyishumi nambili. Udlalwa abantu kusukela kwabathathu kuya kwabalishumi  ubuningi babantu benza lomdlalo uthokozeleke. Lomdlalo ufundisa ukulalela, ukugijima, ukqaphela khona uzokwazi ukubaleka kusenesikhathi ucashe endaweni ongeke utholwe yibhola kalula.

Indlela yokudlala
Kudwetshwa phansi izikhala ezilinganayo bese ngaphezulu kwalezokhala kubhalwe izinamba ezimele amagama abantu abadlalayo abazobizwa ngazo ngesikhathi umdlalo uqhubeka. Inamba umuntu ngamunye uyazikhethela ukuthi ufuna ukubizwa ngayiphi kuye ngenani labantu abadlalayo. Lomdlalo udlalwa ngebhola. Isikhathi esiningi izingane ziyazakhela ngokuhlanganisa amaphepha amanzi nopulastiki khona lizoba nesisindo nangesikhathi eliphonsa noma eshaya ngalo lihambe ibanga elide lingapheshulwa umoya. Abanye ukulenza liqine basebenzisa amasokisi abantu besifazane. Kubalulekile ukuthi babhale igama lalomdlalo ngenhla yezikhala abazidwebe phansi khona wonke umuntu odlalayo ezobona ukuthi libhalwa kanjani leligama kungabikho abantu abakhalazayo.

Ukuqala komdlalo
Umdlalo uqala ngokuthi umuntu okhethe inombolo yokuqala ukuthi aphonse ibhola phezulu abize noma eyiphi inombolo ekulezo ezilingana nabantu abakhona. Isikhathi esiningi umuntu ukhetha lowomuntu amthatha kancane noma lowo onganakile. Lowo ophethe ibhola kufanele aliphose phezulu ukunikezela isikhathi esenele sokuthi bakwazi ukubaleka bayocasha khona bengeke bakwazi ukushawa yibhola. Lowo obiziwe kufanele enze izinto ezimbili ukulibamba ibhola lingakashayi phansi noma uma sekwenzekile amemeze kakhulu athi abame laba ababalekayo. Uma ekwazile ukulibamba ibhola naye umemeza inombolo yomuntu amuthandayo kodwa uma engalibambanga uyazama ukuthi athole azomshaya. Kulaba ababalekile akufanele kunyakaze nomuntu oyedwa uma sekumenyeziwe, lowo ophethe ibhola ukhetha umuntu oyedwa azomshaya kufanele akale kahle ukuze angamgeji.

Uma ekwazile ukumshaya lowomuntu ubhalelwa uhlamvu oluthile egameni elithi DONKEY ngokulandelana kwawo. Kodwa uma emshwebile uhlamvu lubhalwa ngaphansi kwenombolo yakhe. Uma kwenzeka lowo oshawayo enyakaza noma ezama ukuvika kunikeza oshayayo ithuba lokusondela. Umdlalo uqhubeka ngokuthi kudlale lowomuntu oshayiwe noma oshwebile ukushaya umuntu ngokuthi enze okufanayo njengomuntu wokuqala. Umuntu othole zonke izinhlamvu zegama ngaphambi kwabanye uyaphuma emdlalweni ngokuthi enze okushiwo ngabanye noma ekuvunyelwene ngakho ekuqaleni komdlalo. Ezinye zezinto abazenzayo ukudansa, ukuthelwa ngamanzi, ukubeletha noma ukungqongqosha bonke odlala nabo, ukubavumela bakugiele emhlane njengehhashi njalonjalo. Lomdlalo udlalwa ngabafana namantombaze.

Written by: Nelisiwe Hlongwane

Leave a Comment