UDokotela Fred Roberts

UDokotela Fred Roberts wazalelwa eThekwini ngo-1932. Wasungula elinye lamabandla okuqala angabandlululi ngokobuhlanga eNingizimu Afrika walibiza nge Durban Christian Centre. Ngo-1952 wasuka eThekwini walibangisa e-Britain lapho afunda khona e-Assemblies of God College. Ngo-1956 wathuthela Estcourt lapho asungula khona ibandla elinamandla futhi wanikezwa umhlaba wakha kuwo isonto, isikole nekhaya lezintandane. Ngo-1958 wemukela ubizo lokuba ngumfundisi wesonto e-Malvern, eningizimu yeTheku.

Ngo-1979, uDokotela Roberts nonkosikazi wakhe, uNellie, bahlela isonto elelingenakho ukucwasa , i- Durban Christian Centre. Laqala ngemuva kwenkonzo eyaba impumelelo ngeSonto e-Durban Playhouse Theatre.

Ngasekuqaleni kweminyaka yama-1980 ibandla lakhula lafika KwaMashu kwathengwa isakhiwo saleli bandla. NgoDisemba 1983, uFred wanikezwa i-Doctorate of Divinity yi-Christian International Seminary, e-Phoenix, e-USA. Isonto laqhubeka likhula phakathi kwama-80s.

Ngo-1992, i-Durban Christian Centre yaphinde yanweba yathenga umhlaba e-Mayville ukuze kwakhiwe kuwo. I-Jesus Dome yakhiwa. Ihholo elimumatha abantu abangu-5 500 seliphenduke laba elisezingeni edolobheni iTheku futhi selakhiwe kabusha ngemuva kokucekelwa ngomlilo ngoJuni 2016.

Ngo-2007 isonto laphinde lanwetshwa lavula ikhempasi e-Phoenix. UDokotela Roberts waklonyeliswa nge-eTheku Living Legends ngo-2009. Ushone eneminyaka engu-85 ngoNovemba 2017

Leave a Comment