UDokotela Balkrishna Morarjee

UDokotela Balkrishna Morarjee wazalwa ngomhlaka-1 Agasti 1948. Uyisishoshovu sabantu abacindezelwe, ababhekelwa phansi nabakhubazekile, konke lokhu kwenziwa ngesikhwama sakhe semali nangokuzinikela. Usiza izinhlangano ezizimele zabantu abangaboni emehlweni, ezifundazweni nakuzwelonke, ekumiseni ingqalasizinda, kanye nezinhlangano zethenisi yetafula phecelezi i-table tenis.

Dr. Balkshm Morajee
Dr. Balkshm Morajee

Ukuzinikela ngaso sonke isikhathi ukukhuthaza abantu abantulayo abancane nabadala. Njengamanje ungumphathi nomqeqeshi wezobuchwepheshe weqembu le-KZN Disable Table Tennis elingompetha baseNingizimu Afrika. Uphinde abe ngumgqugquzeli futhi axhase i-Sky Table Tennis (S.T.T.). UDokotela Balkrishna Morarjee wayengumpetha wakuleli wethenisi yetafula laseNingizimu Afrika. Umele iNingizimu Afrika ibhekene ne-Japan emdlalweni wethenisi ngoDisemba 2008.

Leave a Comment