UCaroline Smart

UCaroline Smart ungumhleli we-artSMart, ubesebenza iminyaka engu-30 emkhakheni wezobuciko eThekwini. Ungumsakazi onamava, umbhali wephephandaba futhi ungumethuli nomethuli wezinhlelo zethelevishini. Ngomsebenzi wakhe kwabezindaba, wakhe inethiwekhi eqinile nehlaba umxhwele.

Wawina izindondo zokuba,ngumlingisi , ukwethula izinlhelo kuthelevishini, umsakazo nomlingisi wamafilimu futhi ubambe iqhaza cishe kuzo zonke izici zobuciko bokwenza kusukela ekubhalweni kwezikripthi, ekuqondisweni kwedrama esiteji nasemsakazweni, nanjengomculi nomqeqeshi wezwi. USmart wathola indondo ye-Durban Critic’s Circle Award ngobuciko bakhe kwezeshashalazi nomsebenzi wakhe wokuqhakambisa ezobuciko eThekwini. Ngo-2003, amajaji e-Durban Theatre Awards amnikeza indondo ye-Lifetime Achievement Award ukuhlonipha imisebenzi enikezwe imboni yeshashalazi.

Ngawo lowo nyaka waphinde wathola indondo ngokuhlonishwa i-Fool’s Award for Best Arts Journalist in KZN. Ngo-2004, uSmart wafinyelela ukugqama okukhulu ngomsebenzi wakhe lapho ayedlala kumabhayisikobho aphesheya i-Wah Wah eholwa nguRichard E Grant eSwazini. Njengamanje, uSmart uhlala njengejaji lokudansa le-KZN DanceLink futhi ubuye asebenze kwiBhodi ye-Stable Theatre. Ungumnikazi wephephabhuku lobuciko eliku-inthanethi, i-ArtSmart, eliheha izingoma ezingama-30 000 ngesonto. NgoSepthemba 2012, uCaroline Smart waklonyeliswa ngendondo ye-Living Legend Award for Arts & Culture kaMasipala weTheku, okuyindondo ehlonishwayo yokuhlonipha iqhaza lakhe kwezobuciko eThekwini.

She has helped guide and develop young performers and visual artists who look to her for advice and support. Her years of dedication to the industry have earned her the respect and trust of artists and audiences alike. Whether teaching, directing or reviewing, she will endeavour to keep the Durban Art scene centre stage for many years to come.

Usizile ukuqondisa nokuthuthukisa abaculi abasebancane nabaculi ababheke kuye ukuthola izeluleko nokusekelwa. Iminyaka yakhe yokuzinikela kulo mkhakha imenzele inhlonipho nokwethenjwa ngabaculi nezethameli ngokufanayo. Noma ngabe uyafundisa, aqondise noma abukeze, uzozama ukugcina inkundla yezobuciko baseThekwini iminyaka eminingi ezayo.

I-artSMart, edidiyelwe ngokubambisana kwe-Caroline Smart Services ne-Durbanet, ingumthombo wezindaba ohlale uvuselelwa njalo ngobuciko obuseThekwini kanye naKwaZulu-Natali yonkana.

Leave a Comment