Ukuzithanda nokuzipopothatha yinto eyaqala kudala. Esikhathini samanje ukuzilungisa nokufakwa kwemakeup sekuhamba phambili ngendlela eyisimanga. I-makeup yenzelwe ukushintsha noma ukwengeza indlela obukeka ngayo. Imakeup isiyingxenye yempilo esemgagathweni kakhulu kubantu besifazane nabanye besilisa. Indlela ethandwa ngayo abanye abantu abasakwazi ukuhlala ngaphandle kwayo. Kwezokuxhumana ( Facebook, Instagram and Twitter) baningi abantu abatshengisa noma abafundisa izindlela ezahlukene zokufaka imakeup. Ama influencers ayishintshe kakhulu indlela yokugcoba imakeup ayenza kwaba ilifestyle yansuku zonke.
Ukufakela imakeup kwehlukahlukene ngoba uma ubheka kuYouTube ukufundiswa (tutorial) uke ubone ukuthi lokhu akukhona nje ukugcobisa uphawoda (powder/ foundation), imibala yakwenza amahlo (eye shadow), ama liner amehlo/omlomo nokunye. Kuningi okuhlanganiswayo kwenze umuntu abemuhle.
Kusadliwa ngoludala, ibovu lalingenye lezigcobo ezazihamba phambili ukwakha ubuhle, ekushiya ukhazimula uzizwa ngaphakathi ukuthi hhayi umuhle. Enye yezinto engikhule ngiyibona ichotshwa abesifazane ukuzipopota kwakuwupolishi olight brown owawushiyana upopothekile impela. Sezadlula lezo zinsuku.
Ukufakela izinkompe, ukuqondisa amashiya nokufaka imakeup kumenza umuntu abemuhle ngokwedlule kepha kubuye kube nomthelela ongemuhle kwabanye. Uke uthole abanye abantu bengasakwazi ukuhlala ngaphandle kwe makeup, bazingabaze, bengazithembi (lose confidence). Uthole umuntu ubuhle usebuncikise ekufakeni imakeup uma angayifayile angazizwa emuhle.
Article Overview
Makeup was created to enhance one’s look. In the old days using imbovu (red clay) gave skin a natural glow. Influencers on social media have changed how we use makeup. Nowadays makeup has become more essential if you want to look beautiful. The down side is that some people no longer feel confident about themselves and beauty without makeup on. It has come to define beauty for many people.